UMCULI we-Afro house, uBusiswa Gqulu, ungomunye wamaciko azokhuluma engqungqutheleni i-The Africa Rising Music Conference 2024 eNewtown Junction Market Theatre, eGoli kuleli sonto.
UBusiswa, wodumo lwengoma ethi Banomoya nethi Ngoku, uthe uzobe edingida ngobumqoka bolimi namagugu emculweni.
"Ngicabanga ukuthi iqhaza lami emculweni okhokhelwayo futhi odumile ekubeni ngisebenzisa ulwimi lwesiXhosa njengendlela yokuxhumana yabathandi bomculo basemhlabeni jikelele, kuyinto esemqoka endimeni yomculo."
Uthe yena njengomculi uwubonile umthelela walokho ngoba abantu bakwamanye amazwe bayawujabulela umculo yize bengaluqondi ulwimi.
Ugqugquzele abaculi abasafufusa ukuba bafike ngobuningi babo ukuhambela le ngqungquthela.
UBusiswa uzoshiyelana inkundla noPJ Powers, Antos Stella, Dr Linah Ebony Ngcobo, Thandi Ntuli, Hloni Modise Matau, Mamthug, Maps Maponyane kanye noKim Jayde.
Ezinye izikhulumi ngezase-UK, Germany, Canada neNetherlands okubalwa uKwame Kwaten, onguMqondisi Jikelele weFerocious Talent yase-UK, uJustin Mckenzie ongumsunguli weJazz re:freshed, uDO Gibson ongumengameli weNorthstarr Entertainment Inc noCamilla George ongumculi weJazz Re:freshed, uAddy Awofisayo oyinhloko yeMusic, Sub-Saharan Africa kuYouTube kanye neqembu lase-UK eselihlabane kumaGrammy Awards iBlue Lab Beats.
Abanye abazobamba iqhaza iloMs Party, Marcus Harvey, Sbo Gyre, Namakau Star, Rita Kamale, Mace The Great of Wales no-Albi X waseGermany.