KAYIKHOLWA intandokazi yomculi wakuleli uSjava, ukuthi i-albhamu yayo yakamuva ethi Isibuko, ithakaselwe kahle kangaka selokhu iphumile.
Umculi ogama lakhe langempela nguJabulani Hadebe, obezifikele mathupha emahhovisi ephephandaba, uthe kuhlale kuyinto engalindelekile ukwamukela kahle ngale komsebenzi weciko.
“Uma siya estudiyo sisuke singalindele futhi singenaso isiqiniseko sokuthi bazoyizwa kanjani abalandeli. Sisuke sizimisele futhi ukuthi sizophindela emuva uma siqale phansi uma kungahambanga kahle,” usho kanje.
Uthe into acabanga ukuthi imsizile futhi abonga uMdali ngayo ukumnika amandla okuyeka uphuzo oludakayo ngoba ngabe akekho lapho ekhona ukube waqhubeka nalo.
“Noma kungekona ukuthi ngangicwile kakhulu ezinkambeni kodwa kwangisiza mina ukubuyeka. Angifuni ukuzwakala njengomuntu ogxeka utshwala ngoba abunalutho utshwala kodwa inkinga iba kumuntu obuphuzayo uma ehlulwa ukubalawula,” kuchaza uSjava.
Uthe wabuyeka ngoba babumehlula kanti ungumuntu okwaziyo ukuziphatha kahle noma ebuphuzile asikho isidingo sokuthi abuyeke.
Eqhuba mayelana nezinhlelo ze-albhamu udalule ukuthi usazohambela amadolobha ahlukene kuleli nomjikilezo, Isibuko Tour.
Imininingwane egcwele mayelana nomjikilezo izomenyezelwa maduze kanti iTheku, lisenhlanhleni njengoba kunezindawo ezimbili ezihlonziwe, okuyiPlayhouse, neChris Saunders Park, eMhlanga.
“Besishutha ividiyo yengoma ethi Isoka, engipike kuyona amaQwabe Twins, noMzukulu. Amanye amavidiyo ezinye izingoma sizowanameka ekhasini le-YouTube, nakwezinye izinkundla zokuxhumana,” kucacisa uSjava, ngezinhlelo zomculo wakhe.
Ebuzwa ukuthi uzizwa kanjani ngempatho etholwa nguLady Zamar ezinkundleni zokuxhumana nokuthi akacabangi yini ukumshwelezela kubalandeli bakhe, ushintshe ebusweni wakubeka kwacaca ukuthi namanje akathandi ukukhuluma ngaleyo nto, wabuza intatheli ukuthi yona ukube lento ibhekene nayo ibingathini.
“Ngifisa engabe kukhona engingakusho kodwa namanje isangihlukumeza lento ngoba nami kusakhona abangithukayo ngenxa yalezi zinsolo. Mina ngubani ozongishwelezela kulabo,” kubuza uSjava.
ULady Zamar wasola uSjava ngokumdlwengula ngo-2007 kodwa icala lachithwa enkantolo ngenxa yokungahlangani kobufakazi.