BATHUKUTHELE babhodla umlilo abaculi bakamaskandi abalamanayo, uNozipho "Ndoni" Ndunakazi noSibukeli "Saliwa" Ndunakazi, ngenxa yezinsolo zokuthi bayalalana.
Isolezwe NgoMgqibelo libone inqwaba yemibhalo esola laba baculi, omunye uze wathi balala ngaphandle kwekhondomu.
Laba baculi abashisa izikhotha ngengoma ethi Elawini LikaMaGumede, bathinte leli phephandaba ngoba bethi bafuna izwe lazi ukuthi la mahlebezi angamampunge futhi aphazamisa umsebenzi wabo. UNdoni akagcini ukuba ngudadewabo kaSaliwa kodwa ubuye abe yimenenja yakhe njengoba engaphansi kwenkampani, iNdoni Music Productions and Events.
UNdoni uthe la mahlebezi asenza bangakwazi ukusebenza kahle futhi useyasaba nokufaka izithombe zomcimbi wabo wokuqala ababewenze ngakubo eMpangeni, iNdoni noSaliwa Maskandi Festival.
"Eqinisweni thina siyafana kakhulu ngoba sithathe ubaba ngakhokonke. Siye sibone nje sengathi abantu abasixhaphazayo ngoba ngisho ingane ingafike isho ithi abandawonye la bantu."
UNdoni uthe uqale ukuhamba noSaliwa engakangeni emculweni kodwa empika kwezinye izingoma zakhe.
"Sasivele sikuveza ukuthi singabandawonye. Impela singamathe nolimu. Ungumfowethu, aphinde abe ngumngani wami engimethembayo. Naye kanjalo kangangoba ngisho omunye eshoda utshela omunye. Ngisho kungangena imali komunye, asifihlelani. Sibambisene nje ngendlela eyisimanga ngoba sithe uma sikhula kwanezinto eziningi esibonile ukuthi sifuna ukuzishintsha ekhaya, ngakho ukuze sizinqobe kumele sibambane."
UNdoni uthe ngisho beya emcimbini basebenzisa imoto eyodwa kanti nasesteji babuye bangenisane. "USaliwa uyimenenja yami nami ngiyimenenja yakhe ngoba besifisa into yethu noma yakithi ukuyiphatha thina kuze kusasa ingabi nomsindo womuntu wangaphandle." Uthe ubumbano phakathi kwabo nezingane zakwabo lwagqugquzelwa ngunina.
USaliwa uthe ngendlela le nto esimcika ngakhona, usecabanga nokuzithathela umthetho ngezandla kubantu ababachapha ngale nhlamba.
"Kuyona yonke le nto mina ngisola uhulumeni ngokuvala induku ngoba akuzona zonke izimo eziyolungiswa yingalo yomthetho, ezinye zidinga wona udonkane ukuze umfana ayazi into yokudlala nokungafanele adlale ngayo ngoba kukancane ukuthi umuntu olandela umaskandi engazi ukuthi uNdoni noSaliwa zingane zendoda eyodwa nomfazi oyedwa," kusho uSaliwa ezwakala ukuthi usecikekile.