ISIHLOKO: One More Year
UMCULI: Dr Khangelani
UHLOBO: Maskandi
UMHLAZIYI: CHARLES KHUZWAYO
UDR Khangelani ngomunye wabaculi asebemnkantshubomvu endimeni yomculo kamaskandi. Ngaphansi kwaleli qembu useke wakhipha iThe Clairvoyant, Black Friday neLong Service. Ikhono lokuhola iqembu kuKhangelani liqale ukugqama kuMagcokama emuva kokushona kukaMgqumeni Khumalo ngaphambi kokuhola Osaziwayo.
Engikuphawulile ukuthi Ugqok' Oludlel' Imbongolo lubuye ngezinkani. Yize zimnandi zonke izingoma eziboshelwe kuleli cwecwe kodwa ebengingayenza isihloko ngayicula noMzukulu esihloko sithi Sofel' Othandweni.
Le ngoma ishaywe ngoshuni ocishe uyame kokaBhekumuzi Luthuli. Ngisho ngoba awuphoqelekile ukuthi uyisinele. Ungadansa uma uthanda ngoba isambhaqanga. Inkanuko yingoma ebingaba yi-dance challenge ngoba ihambisana nokugqoza.
Bengibabona nje abantu besifazane bebhince amathawula begqozela le ngoma nanoma yikuphi. Angichazile ama-backings ale ngoma ethi Sanelisiwe.
USne Ntuli ungena kamnandi engomeni ethi Nabangani. Uma bewuzitshela ukuthi uKhangelani yibhimbi, mlalele kule ngoma ethi Nabangani ukuze uzwe ukuthi bahlabelela kamnandi kanjani noSne.
Angikhumbuze awaMageza Amahle ngezikhathi zoSbongiseni "Mphondi" Ntombela ongasekho noMzameni "Njencane" Ngubane. Engikuqaphelile ukuthi uKhangelani ugxile kakhulu emyalezweni wothando. Ngisho ngoba izingoma eziningi ezothando, okubalwa kuzo nethi KwaSikhosana.
Umculo kamaskandi usuke ungaphelele uma ingekho ingoma yehawu noma yokushinga. NoKhangelani ukwenzile lokho engomeni ethi Wagiya Kancane nethi Angingene Lapho Part 2. Ligadle kakhulu iqhawe ezinsizweni zakwaMseleku, uSkhevane noNelisani.
Umona phansi, uyacula uSamukelisiwe Ncwane. Izwi lakhe ave limnandi. Ngingakujabulela ukumuzwa ecula yedwa ngelinye ilanga. Akahlabeleli kodwa uyacwenga.
Isigingci sixetshulwa wuSiyabonga Fakude, esebhesi nguNweleziyahlehla Zuma kanti ama-keyboard axavathwa wuJay Jay Mbuthuma. Ngiwuthandile umyalezo wengoma ethi Usheleni. Isigqi singikuumbuze eyayithi Udumo.
Engingakusho nje ngamafuphi ukuthi kuhanjwe kakhulu kule-albhamu. Luvuke lwazithatha Ugqoko.