USOBISHINI umculi osanda kuhlabana ngomklomelo weBest Southern African Female Artistkuma-All Africa Music Awards (Afrima).
UNdivhudzannyi Ralivhona owaziwa ngoMakhadzi, ungene obishini ngemva kokufakwa kubameli ngumhleli wemicimbi, uRabelani "Rabbs Vhafuwi" Madula.
Lo mculi wodumo lwengoma ethi Ghanama usolwa ngokunqwaha nemali kaMadula enguR20 000.
URabbs uthe waqasha uMakhadzi ukuba azonandisa emcimbini ayewuhlele eMelrose Arch ngo-Agasti 21, ngonyaka odlule kodwa wafika sekwedlule isikhathi ababevumelene ngaso.
"Kwakufanele acule ngo-11 ebusuku ngoba sivamise ukuvala ngo-12 ebusuku kodwa watheleka ngo-12.15 phakathi kwamabili.
“Ngenxa yokuthi akabange esanandisa, savumelana ngokuthi acule ngeSonto langoSepthemba 4.
"URabbs uthe kwathi ngalolo suku, uMakhadzi wabika imbiba wabika ibuzi."
Wathi ngeke esakwazi ukubuya ngalolu suku esasivumelene ngalo ngoba useqashwe eBotswana.
Uthe uMakhadzi wabe esethembisa ukumbuyisela le mali emuva yomcimbi wakhe i-One Woman Show eyayingo-Okthoba 1 kodwa kuze kube yimanje engakamkhokheli yona.
"Kusukela lapho, akasazibambi izingcingo zami futhi nemiyalezo yami akasayiphenduli. Ngahlangana naye kwiMakhadzi Family Day eGiyani Stadium, ngoDisemba 26. Sathi umasibonana, wathembisa ukungibuyisela imali yami emuva komcimbi."
Uthe nangololo suku, uMakhadziwambambisa udonga ngoba wagcina engayibuyisanga imali yakhe.
Uthe kuhluleke noma esemhlelela umcimbi ngoDisemba 29, owawumholela uR100 000 kodwa uMakhadzi wazithathela imali, wanandisa kodwa wangazihlupha ngokubuyisela leya mali amkweleta yona.
Eqhuba, uRabbs uthe ugcine ethathe isinqumo sokuhlambalaza lo mculi ezinkundleni zokuxhumana. Uthe yilapho uMakhadzi aze waphendula khona, ebuza ukuthi ufuna ukucekela phansi isithunzi sakhe, wathembisa ukumbuyisela imali yakhe.
Ethintwa uMakhadzi ucingo belukhala lungabanjwa wazewagcina eselucisha, kwahluleka ngisho esethunyelelwa nomyalezo kwiWhatsApp, yatshengisa ukuthi ifundiwe kodwa wakhetha ukungaphenduli.
Isolezwe NgoMgqibelo libe selithinta umkhulumeli wenkampani aqopha ngaphansi kwayo, i-Open Mic Productions, u-Advocate Nkanteko Maluleke owenqabile ukuphawula ngoba ethi akanalwazi ngalo mcimbi.
URabbs uthe isenzo sikaMakhadzi sesimume emphinjeni kangangoba uxoxa nabameli ngesinyathelo abazomthathela.