Yize seyiphelile iminyaka engaphezu kuka-30 abesifazane bangena emculweni kamaskandi kodwa namanje basathwele kanzima.
Emicimbini emikhulu yalolu hlobo abavamisile ukweqa kwabahlanu. Ezingomeni ezibanga ukuhlukanisa unyaka ababonwa nangokhalo.
Noma bengahlelelwa umcimbi wabo bodwa eBat Centre, okuyindawo emumatha abantu abangevile ku-500, bangacishe bahluleke ukuyigcwalisa phama kube kuzongenwa ngoR100.
UCHARLES KHUZWAYO uthe ake abheke ukuthi kungaba yini imbangela yokuma ndawonye komculo wabesifazane kumaskandi.
Eminyakeni eyedlule abaculi besilisa bebevamise ukucula njengabantu besifazane uma kunomyalezo abafuna ukuwudlulisa ngabantu besifazane. Kubona singabala oKhansela noJBC kanye noMgqashiyo Ndlovu. Kwathi ngeminyaka yo-1990 owayewumsakazi nomphathi woKhozi FM, uWelcome "Bhodloza" Nzimande, wabagqugquzela abesifazane ukuba bangene kulo mculo.
Nebala uBhodloza wababiza basabela abesifazane njengoba kwaqala ngoBuhle Bezintombi, kweza ngo5 Roses, Tholakele, Izingane Zoma, Imithente, Amatshitshi Amhlophe, Odadewethu nabanye.
Ngokuhamba kweminyaka baqhamuka oBonakele, Buselaphi, Boneni, Vumile Mngoma, Zondeni, Meleni nabanye. Emuva kuka-2010 kube sekuqhamuka oNdodakazi Yentandane, Ndoni, Garanti, Glama Kamaskandi, AmaYellowbone, Osaziwayokazi nabanye.
Njengamanje abaculi besifazane sebevelela ezingomeni zabaculi besilisa. Amanoni amaningi ashisa izikhotha kulezi zinsuku anephimbo lomculi wesifazane. Kubona kukhona uSne Ntuli, Ndoni Ndunakazi, Thandeka Hadebe noSphesihle Zulu. Izingoma ezinamaphimbo alezi zintokazi azivamisile ukushaya eceleni. Abaningi bazoyikhumbula ingoma kaKhuzani ethi Ngavele Ngamnika nethi Izindaba Zomjolo, uzicula noSphesihle.
Inkosi Yamagcokama ike yashisa izikhotha ngengoma eyicula noSne Ntuli ethi Akuhlukaneki.
Ngubani ongakhohlwa yingoma yeThwasa Lekhansela ethi Awungondli, okuyiculo eligcine selingena nakwiTop 10 yoKhozi FM ngo-2022 nekaMenzi Mabizela ethi Umuntu Wami. Zombili lezi zingoma zinongwe yiphimbo likaNdoni.
Kulezi zinsuku kusha izikhotha ngenxa yengoma kaSphithiphithi ethi Imnandi Lento. Lelo phimbo olizwa kuleyo ngoma ngelikaThandeka Hadebe. Yize uLwah Ndlunkulu engaziwa njengomculi kamaskandi kodwa ufike kwezwakala engomeni kaMthandeni SK ethi Paris futhi ngeke wamthinta uma kuziwa ekugideni ingoma.
UBoneni usola ukuthi abahleli bemicimbi banesandla ekwehleni kwezinga kubaculi besifazane abasemculweni kamaskandi kanye nokuba khona kwamaqoqo abalandeli.
"Ngicabanga ukuthi amafestivali amaningi asehlelwa ngokuthi wubani ozofika neqoqo labalandeli abagqoke imifaniswano njengoba sekujajwa nangayo. Uma ubheka umculo wabantu besifazane, abazange baba nawo amaqoqo nasemlandweni. Kuqala bekukhipha umculi, athengwe yiwo wonke umuntu uma nje ecule kamnandi," kusho uBoneni.
Umethuli wohlelo lomculo wesintu ku-1KZN TV, Ugubhu Lwami, uSipho "Madlokovu" Ngema, uthi ucabanga ukuthi imbangela ukungadlalwa ngendlela elinganayo emsakazweni kwabaculi besifazane nabesilisa.
"Siyazi ukuthi konke kuqala emsakazweni. Ukuze ingoma idume ithengwe ngabantu kumele bayizwe emsakazweni bese beya ezitolo beyoyifuna. Kungakho nje kubalulekile ngaso sonke isikhathi ukuthi uma umsakazi efaka ingoma, asho isihloko sayo nokuthi iphuma kuyiphi i-albhamu. Kanjalo futhi uma isiphelile ingoma aphinde asho lokhu esithi uku-back announcer."
UMadlokovu uthe lokho kuyamsiza umculi futhi kuyamdayisa kubantu. "Kusuka lapho uthole ingoma isidlalwa ndawo zonke. Nalowo mculi umthole esiyigugu kubantu. Kodwa umculi ongadlalwa ndawo uzokwaziwa kanjani?" kubuza uMadlokovu.
Umsakazi kaSigiya Ngengoma kuKhozi FM, uBingelela Mpanza, uthe kusenzima emculweni kamaskandi njengoba kusabukeka sengathi owabaculi besilisa.
"Impela kusekude phambili kwimbokodo kodwa kuyacaca ukuthi kumele sisebenze ngokuzimisela nathi bantu besifazane, senze umculo omnandi ukuze sithole nokuqashwa emicimbini eminingi eyahlukahlukene. Siqashwe ngomculo omnandi, hhayi ngokuthi bayasizwela," kuphetha uBingelela.