NAMHLANJE kuphela amaphupho kubaculi basesifundazweni iMpumalanga, uThabo Ndlovu noPrincess McDonald, njengoba sekuyibo abaqhudelana emzuliswaneni wamanqamu we-Idols SA Season 19. UThabo (26) waseMalahleni noPrincess (24) waseBushbuckridge bazobe bedudulana bukhoma ohlelweni lokugcina ngci lwalo mqhudelwano osufinyelele emaphethelweni.
UThabo uthe lumjabulise kakhulu uhambo lwakhe kwi-Idols futhi wabonga imithandazo nokwesekwa ngabalandeli. UPrincess uthe yize enovalo kodwa uyazethemba ngoba usebenze kanzima ukuze afinyelele lapho asekhona ngenxa yokwesekwa nothando lwabantu bangakubo nomhlaba jikelele. Kwasebeke badla umhlanganiso kulo mqhudelwano kusukela ngoMashi 2002 kuze kube nyakenye kubalwa uKhaya Mthethwa, Noma Khumalo, Musa Sukwene, Vincent Bones, Karabo Mogane, Yanga Sobetwa, Luyolo Yiba, Thapelo Molomo nabanye. Kubantu asebeke bahlulela kukhona uRandall Abrahams, Penny Lebyane, Colin Moss, Mara Louw, Gareth Cliff, Unathi Nkayi njengoba sekusele uSomizi Mhlongo, Thembi Seete noJR. Kubethuli kwaqala uSami Sabitin noMatthew Stewardson kanye noLetoya Makhene ngaphambi kokuba kube wuProverb.
Ngaphandle kwalaba baculi asebesele kwiTop 2 yakulo nyaka, izethameli zizobuye zizitike ngomculo ozobe uqhululwa wumrepha uCassper Nyovest, Vusi Nova noPJ Morton. Njengenhlalayenza bonke abaculi ababambe iqhaza kwiTop 10 nabo bazolithola ithuba lokunandisa.
Abazobe bengekho emcimbini bazobukela lolu hlelo kuMzansi Magic (DStv Channel 161) kusukela ngo-5 ntambama ngeSonto bese abanye belubona seluqoshiwe kuMzansi Wethu (DStv Channel 163) ngo-7 ebusuku.