AMACIKO asafufusa azothola ingqayizivele yethuba lokushiyelana inkundla nosaziwayo kwindumezulu yomcimbi obhekwe ngamehlo abomvu iDrakensberg Extravaganza Music Experience, eSports Centre eBergville, ngoMgqibelo.
Kulo mcimbi, okuphela iminyaka eyisikhombisa wasungulwa, kuboshelwe amaciko adumile angaphezu kuka-40, okubalwa kuwo umrepha, uNasty C, Mthandeni SK, Tyler ICU, Big Zulu, Babes Wodumo, Lwah Ndlunkulu, Blaq Diamond, 2Faced (Thuli P& Slenda Da Dancing DJ), Sha Sha, Dladla Mshunqisi, Rocco Rodamaal, Lars Behrenroth, Menzi noDJ Happy Gal.
Kubaculi bendawo abazosina bededelana nalezi zihlabani kukhona uBhiri, Crow-X, Njin' Yemoto, Veli Nhlengethwa, Ms Fabulous, Medium Bee, Bone Mondli nabanye abaningi.
"Empeleni sizofukula amaciko adabuka eBergville angaphezu angu-17, sekubalwa nabaphathi bohlelo ababili," kusho umgqugquzeli walo mcimbi, uSipho Ndaba weDrakensberg Productions.
Uthe la maciko asafufusa abawaqokanga kodwa ahlungwa kwinhlolokhono eyenziwa ngo-2022, lapho sakhetha khona ambalwa ukuba azonandisa esteji esikhulu. Sinethemba lokuthi bazosebenzisa leli thuba ukuthuthukisa umsebenzi wabo ukuze ufinyelele ezingeni elithe thuthu. Sifuna ukubona abanye oBig Zulu bevumbuka kulesi siteji."
UNdaba uthe amathikithi adayisa eTicketPro nasezitolo zaseSpar ngoR200 nangoR600 kwabafuna ukuhlala nezicukuthwane.
Uthe amasango azoqala ukuvulwa ngezithuba zasemini futhi ama-coolerbox azongeniswa ngoR50. Esephetha, uNdaba uthe ezokuphepha zizobe ziqinile okwangempela kangangoba osikhwiliphambananobhoko bazohlangabezana nezimbila zithutha, ziholwa ngemhlophe phambili.
"Ezokuphepha zizobe zikanisile enkundleni ukuqinisekisa ukuthi izithameli ziphephile futhi ziqinisekisa ukuthi zisukumela phezulu sonke isigameko esenzekayo."