IQEMBU likamaskandi, Imithente, lizogubha iminyaka ewu-30 lasungulwa ngochungechunge lwamakhonsathi phesheya kwezilwandle.
Imithente yasungulwa ngumufi uSimosakhe Mthalane ngokubambisana nezintokazi ezintathu okunguDumisile Manana, uBuselaphi Gxowa nomufi uNokwazi Ntuli.
Lezi zingwazi zomculo wamabhinca zilifulathele elakuleli ngoLwesine, zabhekisa amabombo azo eFrance ngaphambi kokudlulela, e-Italy.
Elinye ilungu laleli qembu, uWeza Mthalane uthe bakujabulele kakhulu ukuthola le ngqayizivele yethuba lokuqhakambisa umculo kamaskandi phesheya kwezilwandle.
Uthe bazongena esteji bevunule ukuze abantu bezinye izinhlanga babone ukuthi amaZulu aswenka kanjani.
Emanonini eMithente athe ngeke asale, ubale elithi Simqonda Ngqo nelithi Ubezothini.
"Sizobe sikhipha konke okusemandleni ethu ngoba laphaya asiyile ukuyozimela thina njengeMithente, kodwa umculo kamaskandi wonke ukuze ithi iminyango ivuleka, ingavulekeli Imithente kuphela.
“Sifuna ngelinye ilanga kuphinde kuhambe nabanye ukuyonandisa kulo mcimbi esiya kuwo," kusho uWeza.
Uthe angakujabulela ukubona abanye abaculi bakamaskandi besabalala nakwamanye amazwe anjengo-England noNetherlands.
Udalule ukuthi bayovula iminyango ukuze abantu bakwamanye amazwe bazi ukuthi kunomculo wamabhinca okuthiwa umaskandi, okumele abantu bawuthathe njengomculo ongenziwa umhlaba.
Abalibangise phesheya ngoNokuthula Victoria Manana, Fikanenhlanhla Mthalane, Phelelani Sabelo Mthalane, Siyabonga Manana, Muzikamkhulu Mthalane, Mbusi Njabulo Mthalane, Samukelisiwe Eugenia Manana, Mboniseni Nothani Mthalane noNothile Cynthia Magubane.
Umgqugquzeli wamakhonsathi eMithente, uDkt Samuel Mbiza weTrillion Cart Investment/Holdings uthe leli qembu laseKranskop lizobuyela kuleli ngoMsombuluko.