ISIHLOKO: Zimnyama
IQEMBU: Hlanganani
UHLOBO: Isicathamiya
UMHLAZIYI: CHARLES KHUZWAYO
IHLANGANANI ngelinye lamaqembu aseneminyaka eyibambile insimbi Ishisa emculweni wesicathamiya.
Yiqembu leli elakhiqiza izingwazi emculweni kamaskandi, uShwi Nomtekhala. Ngebhadi ukungahoshelani okube phakathi kukaShwi NoMtekhala kube nomthelela nakwiHlanganani.
Lena kube yi-albhamu yokuqala yeHlanganani ngaphandle kukaShwi nozakwabo, uKhethonjani Dludla.
Lezi zinsizwa zigcine ukubamba qhaza kwiHlanganani e-elbhamini ebithi Babang'imali ngo-2022.
Le-albhamu entsha sha iphume ngoMeyi 24 kuwo lo nyaka. Ukuba bekuya ngami le-albhamu bengizoyiqamba ngengoma esihloko sithi Ukukhuluma Kuyahlupha ngenxa yokuthi ikwenza uvukwe wusinga nohlevane.
Ayigadli kumuntu kodwa iyashinga nje kuphela.
Yize uShwi NoDludla sebehoshe imfe kwiHlanganani kodwa amalungu asele akwazile ukuvala izikhala zabo ukuze kungabi nomehluko.
Leli qembu libalisile ngokuhamba koShwi ngengoma esihloko sithi Kuleminyaka Engaka. Engomeni ethi Nangu Umuntu likhala ngomuntu obaqhathile.
Angazi noma kuziqondanele noma ligadla kuBongani Manyathi njengoba uMtekhala athi akasoze abuyelana noShwi uma kusekhona uManyathi.
IHlanganani ishintshe unyawo engomeni ethi Ngenzenjani njengoba ithake umculo wesigqi se-Afro fussion.
Kuleli noni bapike iThe Skandic noSobahle. Ngakho nongasifuni isicathamiya, uzoyithakasela le ngoma ngenxa yomnkenenezo wesigingci.
Ngiwuthandile umyalezo wengoma ethi Ungibona Nginje ngoba ingendoda exwayisa umkayo ngokubiza unina ngesidakwa. Le ndoda ithi yona yakhuliswa wumama wayo.
Ngiyazi abaningi bazoyithakasela. IHlanganani ibuye yabhonga emswanini ngokudlula emhlabeni komsunguli weNkatha, uMntwana WaKwaPhindangene ngeculo elithi Hamba Kahle.
Ngengoma ethi Ngavele Ngabona, iHlanganani ibalisa ngokuphenduka komuzi kwampunz'edlemini emuva kokushona kukababa wekhaya.
Ezinye izingoma, kwezingu-13 eziboshelwe kuleli cwecwe, kubalwa ethi Ngamuthanda Umuntu, Abangani, Zanele Wami, Izinyanga nethi Mpumelelo.
IHlanganani ngingathi iqhubeke lapho igcine khona. Kunokuthi yehle kodwa ibhukule kakhulu.