IZOFIHLWA ngesonto elizayo inkakha yomculo we-jazz, uPhilani Ngidi, emuva kokushona ngokukhulu ukuzuma kuleli sonto. Umphathi waseBat Centre, uNise Malange, uthe umngcwabo kamufi uhlehliselwe isonto elizayo ngenxa yokuthi kunelinye ilungu lomndeni wakhe elifihlwa eFlagstaff, e-Eastern Cape, kusasa. UNise uthe umngcwabo kaPhilani uzokuba seNewlands East, ngoMgqibelo ozayo.
Phakathi kwabaculi abadlulise induduzo emndenini ngokudlula emhlabeni kukaPhilani kubalwa inkakha ye-jazz u-Ernie Smith, umculi wokholo uThulani Gah Ndlela, umzwilili we-jazz uNatalie Rungan, umdlali wesigingci uLungie Ngcobo, umzwilili uXoli Dlamini nabanye.
Umufi udlule emhlabeni ekuqaleni kwesonto, ngokusho kwesitatimende esinanyekwe ngumfelokazi kaNgidi (elingatholakalanga igama lakhe) ekhasini likaFacebook wale ngwazi.
UNgidi ngomunye wezingwazi zomculo we-jazz eziyibekile induku ebandla emculweni.
Ngaphandle kokudlalela iqembu lezintokazi i-Afro Divas, isigingci sebhesi kodwa ubuye wasebenza nezihlabani ezidume umhlaba wonke ezinjengoMahhotela Queens, uThemba Mkhize, Vicky Sampson noJudith Sephuma.
Wake wathola ingqayizivele yethuba lokuqondisa umculo ebhendini yengwazi yaphesheya kwezilwandle engasekho, uRonny Jordan ngesikhathi inochungechunge lwamakhonsathi e-Afrika namaphethelo.
Umufi ubuye wanandisa ne-Afro Divas eyakhiwe wuYolanda Cenge, Khuthala Cenge noNtombi Cenge kwiDubai International Jazz Festival, kwi-2014 Common Wealth Games abeseGlasgow nakwiSouth African Day ebiseTanzania.
Ngaphandle kokudlala isigingci nokuphrojusa umculo, umufi uke wafundisa umculo e-University of KwaZulu-Natal.