ZIBE buhlungu kwabanye izindaba ezithi uzosongwa nonyaka umqhudelwano ovumbulula abaculi abasafufusa kuleli.
Omunye wabantu abakhala ezimathonsi nguMthokozisi Ndaba owaphuma isibili kuSeason 13 ngo-2017. UMthokozisi uthe zibe buhlungu kakhulu lezi zindaba ngesikhathi ezizwa.
"Inhliziyo yami ibuhlungu kakhulu ngoba ama-Idols asize abantu abaningi phambilini. Nami angisize kakhulu ngokungibeka ezingeni lokwaziwa njengomunye wabaculi abasha abavelele eNingizimu Afrika. Kunabalandeli bomculo ebengingakwazi ukufinyelela kubo kodwa ama-Idols akwazi ukungifinyelelisa kubo, engiyohlale ngihlonipha ama-Idols ngalokho."
Eqhuba uthe kuningi kakhulu akufunde kuma-Idols njengokuhlonipha umsebenzi wokucula nesikhathi, isikhathi nebhizinisi.
"Ngizwa ubuhlungu ngoba bengithi baningi ebebesazoqhamuka kuma-Idols bakwazi ukuzimela nokuzithuthukisa eNingizimu Afrika. Akusenani ngoba okungapheli kuyahlola. Sengathi kungabuya eminye imiqhudelwano evutshelwe kuleli enjengeShell Road To Fame noJam Alley," kusho uMthokozisi osengumlingisi wemidlalo yethelevishini futhi ozokhipha i-EP yakhe yokuqala ngoFebhuwari 14.
UKhaya Mthethwa owaqopha umlando ngokuba umculi wokuqala omnyama ukudla umhlanganiso kuma-Idols SA ngo-2012, uthe kube yizindaba ezimphathe kabi ngoba uyakholelwa ukuthi iNingizimu Afrika idinga kakhulu izinkundla zokunikeza abantu abanekhono ithuba lokufeza amaphupho abo.
"Ama-Idols ayiguqula unomphela impilo yami futhi ngiyohlale ngiwabonga ngenxa yabantu engahlangana nabo, izinkundla engicule kuzo namathuba amakhulu engiwatholile emuva komncintiswano," kuphetha uKhaya.
UKhaya usengumethuli wezinhlelo zethelevishini kuSABC 1 noMzansi Magic futhi wasakaza kwiMetro FM nakwiKaya FM.
Lo mncintiswano waqala kuleli ngo-2002 ususelwa kowaseBritain. UHeinz Winckler, waba ngumculi wokuqala ukudla umhlanganiso kulo mncintiswano futhi wabuye waphuma isine kumaWorld Idols njengoba esedume umhlaba wonke.
UKarabo Mogane waphumelela ngo-2015 futhi wasebenza neDisney engomeni yeThe Lion Guard maqede wabamba iqhaza kwiTropika Island of Treasure. Umculi we-Afrikaans Pop, u-Elvis Blue waphumelela ngo-2010 maqede waqopha ama-albhamu ayisikhombisa amenza wahlabana ngamaPlatinum amathathu nezindondo ezine zamaSama futhi waculela abantu abawu-95 000 ngesikhathi ebhulela iBoni Jovi amazolo.
UMmatema wahlulwa wuKarabo ngo-2015 kodwa usethula uhlelo lwethelevishini iGospel Unpluged kuSABC futhi walingisa kwiRhythm City nakwiBone of My Bones kuSABC 2.
Abanye asebeke badla umhlanganiso:
– Anke Pitrangel (2003),
– Karin Kortje (2004),
– Jody Williams (2005),
– Sasha-Lee Davids noJason Hartman (2006),
– Dave van Vuuren (2011),
– Musa Sukwene (2013), Vincent Bones (2014),
– Noma Khumalo (2016), Paxton Fielies (2017),
– Yanga Sobetwa (2018),
– Luyolo Siba (2019), Zama Khumalo (2020),
– Berry Trytsman (2021)
– noThapelo Molomo (2022).
Bakhona nabaculi abangaphumelelanga kodwa abakwazile ukuvelela njengo-Amanda Black, Q. Twins, Mr Music, Thami Shobede, Skye Wanda, Mmatema Moremi, Lloyd Cele, Lloyiso, Shekhinah, Zamajobe, Kyle Deutsch noDominic Neill.
Isizini yokugcini yama-Idols kuleli izoqala ukuvela kuMzansi Magic ngoFebhuwari 12.