USINDE ngokulambisa umculi kamaskandi uMdumazi “Zandlezincane” Mhlongo othi uphume ngesamagundane ejahwa wuThuthani Ndlovu ngesibhamu ezoqopha estudio kwaJan, eGoli.
UMdumazi uthi ubepikwe wuKhangelani “DSD” Mhlongo woSaziwayo ukuthi azocula engomeni yakhe ekhuluma ngabantu bakwaMhlongo.
Uthe ngesikhathi ecelwa wuDSD ukuthi azocula wamazisa ukuthi kuzoba lukhuni ukuthi eze ngenxa yokungazwani kwakhe noThuthani oqashwe kwaJan.
“UKhangelani ungitshele ukuthi usekhulumile noThuthani wathi akanankinga angize. Uze wangitshela ukuthi uthe uThuthani ngeke ahlanganise ingxabano yethu nomsebenzi. Ngempela ngize ngalelo themba kanti ngizofike ngibe nenkinga. UThuthani ubesho ukungiqeda ngesibhamu waze wabanjwa abantu abebekhona ukuthi angangidubuli. Ngiphume kukubi estudio ngahamba,” kusho uMdumazi.
UThuthani uthe ngamanga aluhlaza lawo.
“Ukube kwenzeke kanjalo bekumele ayongivulela icala emaphoyiseni. Akulona icala okungaxoxiswana ngalo leli uma lenzekile kodwa lidinga amaphoyisa. Engikwaziyo ukuthi ngesikhathi ngimbona ngathi ngeke ngikwazi ukusebenza naye ngenxa yokuthi kunezinkinga esisenazo naye, wahamba,” kusho uThuthani.
UYAKUCHITHA uThuthani Ndlovu ukuthi wajaha uMdumazi ngesibhamu kodwa wanqaba ukusebenza naye kuphela. Isithombe: FACEBOOK / THUTHANI NDLOVU
UMdumazi uthe akayanga kovula icala ngoba lolu daba selungenelelwe uThokozani “Somnandi” Langa ohlela umhlangano wokuthi bayolanyulwa. Uthe uselinde lo mhlangano ozoba ngomhla ka-14 Ephreli eDowntown Studio, eGoli.
USomnandi ukuqinisekisile ukuthi ubize umhlangano. “Ingxabano kaMdumazi noThuthani imosha indima kamaskandi ngoba ayicaci nento abayibangayo. Ngicele abanye omaskandi abanjengoShwi noMtekhala, Ali Mgube, Ngiga, Sonakali, Jaiva Zimnike nabanye ukuthi babe khona kulo mhlangano." UMdumazi uthe usethembe lo mhlangano ukuthi iwona ozoxazulula le ngxabano ephakathi kwabo. UThuthani naye uthe ufuna uMdumazi afike akhulume iqiniso emhlanganweni.