NGESIKHATHI umculi ongumethuli wezinhlelo, uMolemo “Jub Jub” Maarohanye ethi umsulwa ngemuva kokuboshelwa amacala amathathu okudlwengula, ukuzama ukubulala nelilodwa lokushaya, akazibekile phansi nasezinkundleni zokuxhumana.
Ngemuva kosuku ekhishwe ngebheyili kaR10 000, ufake amavesi eBhayibheli kwi-Instagram ethi iqiniso lizovela.
“Akukho sikhali, amanga namaqhinga okuyophumelela,” ubhale kanje ngemuva kokuvulelwa amacala ngowayeyintombi yakhe.
Uphume ngebheyili ngoLwesine eNkantolo yeMantshi yaseGoli ngemuva kokuzinikela esiteshini samaphoyisa eBrixton, ekuseni ngalolo suku.
Icala lakhe lihlehliselwe u-Agasti 24. Ngokwemibiko bane abamangali kuleli cala, okuthiwa ngelaphakathi kuka-2006 no-2010.
Ngesikhathi lo methuli we-Uyajola 9/.9 elungisela isizini ka-10 yentandokazi yohlelo lwakhe, uJub Jub uphinde waba nesikhathi sokujatshuliswa ngozakwabo kwezokungcebeleka, abakhombisa ukumeseka.
Ufake imibhalo ayishuthile abamthumelela yona, bekhombisa ukumeseka.
Omunye wabo ngumculi uMakhadzi ofake umbhalo weBhayibheli wase ejobelela ngokuthi: “Ngiyakuthanda mfowethu. Ngiyazi asibona abangani kodwa ngingumlandeli wakho okude.”
Yize ebhekene namacala abucayi kodwa uJub Jub ubukeka engabaswele abalandeli.
Njengoba Uyajola 9/9 kulindeleke ukuthi luqale ngeSonto, ufake ama-video eshutha uhlelo, ebonakala engungwe ngabalandeli befuna ukushutha naye.
Omunye wabalandeli bakhe, ubhale ezinkundleni zokuxhumana ukuthi ngolunye usuku uzobhala incwadi ngempilo yakhe.
Omunye uthe: “Ngiyakweseka mfowethu. Uma uNkulunkulu engakuwe ubani ongamelana nawe. Ungaphezu komnqobi.”