UMCULI wakuleli owahlaselwa yisifo sohlangothi ephesheya, uveza ukuthi impilo yakhe ishintshe kakhulu emuva kokwehlelwa yilo mshophi. ULira uthi yize kunjalo kodwa indlela eya ekululameni iyakhanya.
Sekuyizinyanga eziyisithupha lo mzwilili amemezela nokuthi uzoke ame kancane emculweni ukuze athole ukwelulama kahle. Kodwa ubhale ekhasini lakhe kwiFacebook ukuthi kusenzima kodwa uhamba nakho ukugula. Uthe usengcono kakhulu kunendlela ake aba yiyona phambilini.
"Isikhathi siyashesha, angikholwa sekuyizinyanga eziyisithupha. Ngizizwa sengibuyela esimeni sami yize ngisalulama. Kona kuzothatha isikhathi, lesi yisikhathi esingithokozisayo yize sihambisana nezingqinamba," kusho uLira.
Eqhuba, ubonge ukwesekwa alokhu ekuthole njalo emndenini wakhe, izihlobo, abangani nabalandeli.
"Ukuphila usuku kuyisibusiso. Ukuba nabathandiweyo nabangani kuyisipho esiyigugu. Iningi lenu lilokhu linami lingeseka, ngiyabonga. Lokhu kusho lukhulu kimi," kusho uLira ekhasini lakhe lakwiFacebook.
Abalandeli bakhe zibajabulisile lezi zindaba, baveza nokuthi bazoqhubeka nokumeseka kuze kube ululama ngokugcwele. Abanye bathembise nokuqhubeka bambeke emkhulekweni uLira.