USEVEZE ukuthi ubesekuhalela ukushutha ama-video ezingoma zakhe uXolani Ndlovu kodwa kubalandeli bakhe abamazi ngelikaDJ Ex, nowama ngemuva kwengozi eyamshiya ephuke izimbambo.
U-DJ Ex waseWaterloo, eThekwini, uthe ngoLwesithathu, kumjabulisile ukushutha i-video yengoma yakhe ethi Mbali Ungenzani nephume ngoLwesibili.
Ngonyaka odlule ngawo uFebhuwari, wakhipha ingoma ethi Ubuhle Bakho apike kuyo uStixzet.
Uthi ukulimala kwaphoqa ukuthi amise konke wacishe walahla ithemba nasemculweni.
“Ngo-2022, ngaba sengozini yemoto eyangishiya ngilimele kanzima izimbambo namanye amalunga omzimba. Njengomuntu osazama ukuzakhela igama ngaso sonke isikhathi ngithanda ukuthi uma ngikhipha ingoma ihambisane ne-video yakhona. Ngazitshela lapho ukuthi kulo nyaka ngifuna ukusebenza kanzima ngilulame bese ngiqhubeka nomsebenzi ngendlela engifuna ukuwenza ngayo,” kuchaza uDJ Ex.
Uveze ukuthi le ngoma ikhuluma ngowesifazane onguMbali, ojola nabesilisa abehlukene nobonakala ehla ezimotweni zabo usuku nosuku.
“Ingoma yokuqwashisa intsha esakhula lena. Ngiyathemba njengoba konke ngikwenzela elokishini ne-video ngiyishuthele khona kukhona intsha engiyikhuthazayo ngomculo wami. Ngifisa ukusiza intsha yangakithi ethanda umculo, ngibe yisibonelo kuyo, ngakho ngikhuthaza abazowuthanda umculo wami ukuthi bawulindele emsakazweni nakwithelevishini, sesikhulumile neziteshi ezihlukene ukuthi basidlalele wona,” kuchaza yena.
Esanda kufika emculweni ngo-2015, uDJ Ex wadedela ingoma eyashisa izikhotha ethi Umona ngaphansi kwenkampani yakhe iSfithah Entertainemnt.