UMETHULI wezinhlelo zethelevishini wasePort Shepstone, uNomalanga Shozi, uthi njengoba esephakathi kwi-SABC, ubheka amanye amathuba okundlondlobala khona.
UNomalanga (30) uqale ukugqama esakaza kwiGagasi FM, ngaphambi kokufudukela eGoli, ukuyoqhuba umkhakha wokwethula izinhlelo zethelevishini nokulingisa.
Kwi-SABC ungene eyothula uhlelo oluthinta izindaba zosaziwayo i-The Sauce kwiSABC1.
Njengamanje wethula i-Behing The Story okuwuhlelo oluthathwe kwi-BET Africa (DStv Channel 129). Khona ukhuluma nosaziwayo abehlukene ngezinto ezithinta impilo yabo. Phakathi kwabo kubalwa uDa LEs, Vusi Nova, Teko Modise, Bongani Fassie, Norma Mngoma nabanye.
Uhlelo ludlala njalo ngoLwesine ngo-8.30 ebusuku.
"Kwaba yiphupho lakudala ukusebenza kwi-SABC ngoba yinhlangano enkulu efinyelela kubantu abaningi. Nabangasekhaya kulula ukuthi bangibone," kusho uNomalanga.
Uthe akusebenzelayo manje wukundlondlobala ngaphakathi.
"Kukhona okunye okuzayo kwi-SABC1, abantu abazokubona emasontweni ambalwa ezayo. Ngoba umuntu esengaphakathi ngifuna ukubamba wonke amathuba avelayo khona njengomethuli wezinhlelo, obuye abe ngumsakazi futhi engumlingisi," kusho yena.
Uthe uzimisele ngokubuyela emsakazweni nokulingisa. Ukusakaza wagcina kwiGagasi enza uhlelo lwantambama phakathi nesonto noDJ Warras.
Ekulingiseni ugcine kwi-Roomies eqale ku-1 Magic, yadlulela kuMzansi Magic.