UMSAKAZI weGagasi FM useshaye indesheni kulo msakazo wacela ukukhululwa aqhubeke neminye imisebenzi.
IGagasi limile ekutheni uKini Shandu akakwazi ukusebenza kwenye indawo kwazise usenenkontileka nalo.
UKini ubesakaza iBig Bang kulo msakazo phakathi nesonto ngo-12 emini kuya ku-3 ntambama.
Ufake incwadi yokwesula kulo msakazo ekupheleni kwenyanga edlule kanti usesohlelweni olusakazwa kuSABC1 ngo-11 emini iDaily Thetha.
Engxoxweni ekhethekile neSolezwe uKini uthe ucela iGagasi limdedele, wathi wayifaka incwadi yokwesula kodwa lo msakazo wangakwemukela ukwesula kwakhe.
“Iqiniso wukuthi ngayifaka incwadi kodwa bangayemukela. Ngicela bangidedele,” kusho uKini ngamafuphi.
Uthe ngokubona kwakhe wayilandela yonke imigudu efanele yokushiya kulesi siteshi. Sekunesikhathi uKini engezwakali kulo msakazo uhlelo lubanjwe wuNomfundo Clarissa obevele ebambisene naye.
Lesi siteshi sikhiphe isitatimende sikhala ngokushiya kukaShandu, sithi akalandelanga imigudu efanele.
UKhulekani Shandu, okhiphe isitatimende, uthe inkontileka kaKini iphela ngoMeyi.
“Inkontileka esiyisayina nomuntu esizosebenza naye isuke ikubeke kwacaca ukuthi yimiphi imigomo okumele ayilandele uma esule emsebenzini ingakapheli.
Siyazi ukuthi umsakazo usuke ungabaqashile ngokugcwele kodwa ngeke bafake incwadi yokwesula kumele balandele indlela eqondile ebhaliwe enkontilekeni,” kusho uShandu.
Uthe uKini watshela lesi siteshi ekupheleni kukaJanuwari ukuthi kukhona uhlelo lwethelevishini ayolwenza eGoli.
Uthe abaphathi besiteshi batshela uShandu ukuthi abakayitholi incwadi yokwesula emsebenzini.
Ukugcizelele ukuthi bamtshela uKini ukuthi uma eqhubeka engafiki emsebenzini lokho kuwukwephula umgomo wenkontileka.
Isiteshi sibuye samemezela ukuthi umethuli wohlelo lwezemidlalo i-Extra Time, uGabriel Sithole, naye uyashiya kulo msakazo.