KUVELA inhlese yokunqakisana kwabaholi ngokubhuntsha kwezinhlelo zenkonzo yomngcwabo ebihlelwa wuMnyango wezokuThutha KwaZulu-Natal.
Bekuhlelwe ukuthi kube nenkonzo yabashonile abangu-8 eMahlayizeni, eNkandla, izolo, kepha kwajika izinhlelo ngemizuzu yokugcinaa.
Abashonile badlule emhlabeni ngeledlule, itekisi abebeyigibelile ilala amankeyane ngenkathi belibhekise emshadweni. Kushone amalungu emindeni ayisishiyagalombili okungoDudu Majola (54), Ntombifuthi Majola (51), Nokubonga Majola (31), Colile Khanyile (51), Busisiwe Khanyile (49), Slindile Khanyile (34), Nomfundo Khanyile (30) noMbali Biyela (30).
Amakhosi, izinduna, abaholi kumasipala nomphakathi kuphela babe yingxenye yenkonzo yomngcwabo womndeni wakwaKhanyile nowakwaBiyela bodwa, njengoba kuvele ngaboMnyango wezokuThutha izolo ukuthi bona banqatsheliwe ukuba yingxenye yomngcwabo abebehlela ukuthi uhlanganise bonke abashonile. Akubange kusavela ukuthi uqhubeke kanjani umngcwabo wabakwaMajola.
Isitatimende esikhishwe wuMnyango wezokuThutha e-KZN, sithe “kuyadabukisa ukuthi umnyango ngeke ube yingxenye yenkonzo yomngcwabo”.
"Kuyadabukisa kakhulu ukuthi umnyango ngeke ube yingxenye yomngcwabo ngenxa yezingqinamba ezivezwe yimindeni ebithi iyalelwe ngoyibamba leMeya kaMasipala waseNkandla, uNkk Nonhlanhla Nzuza, ukuthi bangalubhadi enkonzweni enkulu yomngcwabo kodwa bazifihlele bona emakhaya ngabodwana," kusho isitatimende.
Sithe nomphakathi ubuyalelwe ukuthi ungayi “enkonzweni yomnyango”.
"Kungokokuqala emlandweni ukuthi umnyango ubhekane nesimo esinjena. Yize umnyango uyixhasile imindeni ukuze ifihle kahle, nokuthi abathandiweyo bathunwe ngesizotha ngaphandle komsindo, umnyango uqoke ukubeka inhlonipho phambili, utshengise ukuzotha," sisho kanje.
Isitatimende siphinde saveza ukuthi uMphathiswa wezokuThutha nokuHlaliswa kwaBantu, uMnuz Sboniso Duma, uphatheke kabi ngenxa yalo myalelo onqabela imindeni nomphakathi ukuthi babe yingxenye yenkonzo.
UDuma uthe bafisa ukuxolisa emindenini, emphakathini, kubefundisi nakubazalwane abebebeka imindeni eshonelwe emkhulekweni, futhi bona njengomnyango bagwema ukunqakisana ngamazwi njengoba imindeni isemanzini.
UNkk Nzuza uthe kukhona lapho uhulumeni wesifundazwe ojombe khona isigaba.
"Uhulumeni ujombile, ikakhulukazi isigaba sabaholi bomdabu, okuyinkosi yesizwe okuyiyona evelelwe umshophi ongaka ngabantu bayo. Induna enkulu ephethe izinduna lapha eMahlayizeni ayaziswanga ngohlelo lwenkonzo. Kuthiwa kufike uMphathiswa uDuma kodwa akaxhumananga nenkosi nabaholi bomdabu okuyizinduna," kusho uNkk Nzuza.
Uthe Inkosi Bhekizizwe Biyela ibe nokudumala ngalesi senzo sikaDuma.
"Inkosi ibe isinquma ngodaba. Nathi sibe sesilandela umyalelo wenkosi ngoba yinkosi ephethe abantu futhi nomhlabathi ebesizonyathela kuwo ngowayo" usho kanje.
Uthe indaba yonakale ngesikhathi uDuma engakhuleki komkhulu okwenze inkosi yaphuma nalesi sinqumo. Uthe bebengaziswanga ukuthi umphathiswa uzofika endaweni yakwaBiyela futhi ngamampunge ukuthi uyena (uNkk Nzuza) oyalele imindeni ukuthi ichithe umnyango njengoba yena ubedlulisa amagama ashiwo yinkosi.