UMFELOKAZI usethembele eNkantolo eNkulu yaseGauteng ePitoli ukuthi imnikeze ubunikazi bembewu yomyeni wakhe ongasekho egcinwe emtholampilo.
Lona wesifazane usefuna ukuyisebenzisa ukuze athole ozolama indodakazi yakhe eyodwa.
Umyeni wakhe kwatholakala ukuthi unomdlavuza wase elulekwa ngabezempilo ukuthi ngaphambi kokuqala ukwelashwa akanikele ngembewu yakhe igcinwe emtholampilo ukuze isetshenziswe uma efuna ukuthola abantwana ngomuso.
Nangempela owesilisa wanikela ngembewu yakhe yagcinwa emtholampilo ngo-2014.
Lona wesifazane wakhetha ukukhulelwa ngokuthi afakwe imbewu yomyeni wakhe.
Ubhale emaphepheni asenkantolo ukuthi ngenxa ye-chemotheraphy, abakwazanga ukuthola izingane ngokwemvelo.
Uchaze wathi umyeni wakhe wanikela ngembewu emtholampilo wenzalo ukuze igcinwe futhi kwagcinwa ama-straw angu-13.
Kuyena kwakhishwa amaqanda angu-16 kodwa ayisishiyagalolunye ayevuthiwe. Amanye alahlwa ngoba ayengekho esimeni sokujovwa ngembewu.
Kulokhu kuthathwa imbewu eyodwa ifakwe eqandeni ngomjovo. Ngesikhathi kwenziwa, kwasetshenziswa ama-straw amabili kwasala angu-11 ukuze agcinwe. NgoMashi 2016 wakhulelwa, kwaholela ekutheni abelethe indodakazi yakhe ngoFebhuwari 2017.
Uthe umyeni wakhe washona ngemuva kwezinyanga ezimbili kuzelwe indodakazi engashongo encwadini yefa ukuthi kwenziweni ngama-straw esidoda asele. Uthe kodwa washo ukuthi wonke amafa akhe uwashiya kumkakhe.
Uthe ukuze andise umndeni kumele asebenzise ama-straw angu-11 asele.
Ukugcinwa kwembewu kulawulwa wumthetho i-National Health Act, Children’s Act nemithetho emayelana nokukhulelwa ngokujova.
Eminye yemithetho ikubeka kucace ukuthi ngemuva kokujovwa, ubunikazi busala nojovayo, kulokhu umfelokazi. Uphinde uthi ngaphambi kokujova, ubunikazi bembewu kuba ngobowesilisa onikelile.
Owesifazane ufuna inkantolo inqume ukuthi ubunikazi bembewu budluliselwe kuyena ngoba emtholampilo bathi umthetho awucacisile ukuthi sebungobakhe.