UKHUMBULE isilomo somrepha obulewe umculi ngesikhathi eqopha ividiyo yengoma yakhe lapho ekhuza udlame nezigameko zobugebengu.
Ngasekupheleni konyaka odlule uLuyanda Zitulele, odabuka eMqanduli, esifundazweni i-Eastern Cape, ubhale ingoma ethi Thetha Nabo kepha ukhethe ukuqopha ividiyo yayo ngenhloso yokuhlonipha u-AKA, osanda kubulawa. Umrepha udutshulwe, wafa ngempelasonto eWish kuFlorida, eThekwini.
UZitulele uchaze ingoma yakhe njengomkhuleko wokushweleza kuNkulunkulu, nokuthinta onembeza bezinswelaboya nokududuza abagilwa. Ufisa ukubuyisa ithemba kubantu abayizisulu zobugebeng.
"Leli zwe selidlule kokuningi, siphuma kwiCovid 19 edlule nemiphefumulo yabantu abaningi. Kumanje sisanda kulahlekelwa iningi labantu ngenxa yodlame lokudubula nobugebengu. Ngibone sengathi izwe liyayidinga ingoma enomyalezo wokupholisa amanxeba ngalesi sikhathi. Ezinsukwini ezedlule silahlekelwe ngu-AKA," kusho uZitulele.
Eqhuba uveze ukuthi ziningi izinto adlule kuzona lokho kwenze wafikelwa yile ngoma ngelinye ilanga eseCape Town, wakhetha ukuyiqopha ngokushesha ngo-Agasti nyakenye.