KUZOKHUNJULWA ingwazi engasekho yomculo wesicathambiya, uJoseph Shabalala ongumsunguli weLadysmith Black Mambazo.
Umndeni kaShabalala uhlele umqhudelwano wokugijima, iBJS Marathon ozokuba seMnambithi ngoFebhuwari 11, wonyaka ozayo, okuwusuku okwashona ngalo le nkakha ngo-2020. Umgqugquzeli womcimbi, uVuyo Shabalala, uthe umjaho uzoqala ngeCharity Walk, kunikelelwe ngokudla imindeni engu-1000 eMnambithi ngoSepthemba 10.
“Kuzobe kungumjaho wokuqala okuhloswe ngawo ukuhlonipha nokukhumbula uShabalala. ICharity Walk nokunikela emphakathini kwasungulwa nguThulani Shabalala naye oyilungu leLadymith Black Mambazo. Wayisungula kusekhoba ubaba uShabalala kodwa ibingakaze yenziwe eMnambithi. Ngokuyiyisa khona sifezekisa iphupho lakhe ubaba uShabalala, owathi ngelinye ilanga uyafisa sikhumbule abantu balapho eqhamuka khona eMnambithi, njengoba ibiba kwezinye izindawo. Njengoba sekuzoba neBJS Marathon isizoba khona minyaka yonke,” kusho uVuyo.
Uthe basebenzisana neKZN Athletics ukwenza umjaho ube yimpumelelo. Uthe ngenxa yokuthi yiyona eqonda izinto ezithinta ezokugijima babone kukuhle ukuthi bakhulume nayo ukuze yonke into ihanjiswe ngendlela. Uthe iKZN Athletics yiyona ezohlela yonke into ngawo nemiklomelo ezotholwa ngabantu abazowina kuyona.
Uveze ukuthi ngisho nayo iLadysmith Black Mambazo isineculo elithi: Life is a Marathon, Life is a Journey, elibhalwe ngumzukulu kaShabalala uBusisiwe Shabalala. Uveze nokuthi basebenzise uZinhle Shabalala ukuba yinxusa lomqhudelwano njengoba engomunye wabesifazane abenza kahle emiqhudelwaneni yokugijima.
Uqhube wathi abanye abantu abasebenzisana nabo wuMasipala i-Alfred Duma noMnyango wezokuVakasha KwaZulu-Natal nephephandaba Isolezwe.
KwiCharity Walk ngoSepthemba 10, uthe kuzoba nedili lomculo njengoba kukhona abaculi abazonandisa khona. Phakathi kwabo kukhona uHowie Combrink, owake wasebenzisana neLadysmith Black Mambazo nabaculi bendawo. Kuzobe kukhona nosaziwayo okunguMotlatsi Mafatshe noCosta Dollar ozobe enguDJ wosuku. Indawo okuzobe kwenzeka khona umcimbi yiseMbuzweni eMnambithi. Yiyona esihlelelwe ukuthi kwakhiwe i-Art Centre okuzohlonishwa ngayo uJoseph Shabalala.