UKUFANISA nesibusiso angeke asikhohlwe empilweni yakhe ukuba yingxenye yomdlalo uMkhokha: The Curse, uPinky Ntshangase owaziwa ngendawo kaMaZungu kulo mdlalo.
UPinky waseBulwer, kodwa usezinze eNanda, eThekwini, uthe akanazo iziqu zokulingisa kodwa wangena kulo mkhakha ngenxa yothando futhi kumenze wafunda okuningi.
“Umkhakha wokulingisa ngaqala ukuba yingxenye yawo ngisebenza esiteshini somsakazo iVibe FM, KwaMashu. Ngiqale ngilingisa kuZalo neminye imidlalo ehlukene emincane. Konke lokhu ngangikwenza ngothando ngoba bengifundisa kwelinye lamakolishi khona eThekwini.
“Ukungena kwami ekulingiseni akukho engizisola ngakho ngoba ngifunde okuningi noma umsebenzi umningi kodwa ngenye yezinto engingeke ngize ngiziyeke ngoba sengilinde amanye amathuba avele njengoba sesiqedile ukuqopha manje,” kusho uPinky.
Uqhube wathi uyakholelwa ekutheni ukuzikhandla yikhona okumenze waba ngabanye babalingisi abagqamile Umkhokha uqala kuze kube uyagoqwa.
“Ngendlela ebesesisebenza ngayo lo mdlalo usuya emaphethelweni, abanye abantu bebengashiya phansi kodwa mina nozakwethu sikwenze konke sazinikela kwaze kwaba sekugcineni.
“Sizikhandle kakhulu senza lokhu obekudingeka kithi. Ngibheke phambili ukuthi kuvuleke amanye amathuba kodwa futhi engikukhuthaza kwabafuna ukungena endimeni yobumnandi ukuthi bafundele eminye imisebenzi eceleni ukuze uma sekumile ngapha ekulingiseni, baqhubeke nezinye izinto ezizobafakela imali,” kuchaza umlingisi.
Uthe kuningi akufundile kulo mdlalo ngenxa yokuthi ububophele izinkakha zabantu abakholwayo futhi abangamagagu emlonyeni, nokuba yinto elula ukusondelana noNkulunkulu yize besebenza.
Uqhube wathi manje uzogxila ekubeni umphathi wezinhlelo uma kunemicimbi ngoba ubeqashwa emicimbini ehlukene ngoDisemba.
Okunye athe abantu bebehlala bembuza khona ukwehla kwakhe emzimbeni, wathi ukhethe ukuya ejimini ngenxa yezinqumo azithathele zona empilweni.
Uthe yize abanye bethi uyagula kodwa ukhuthaza ukuthi abantu badle ukudla okunempilo futhi bazijuxuze ngoba kuyayishintsha impilo.