UMNYANGO wezokuHlunyeleliswa kweziMilo KwaZulu-Natal, usuveze ukuthi uzosukumela udaba lokuxabana komculi we-jazz nowokholo ngezinsolo zokuhlukumezana ejele eWestville, eThekwini.
Lokhu kuza emva kokuxabana kukaWandile Method Nsibane ongumculi we-jazz nowayeyisiboshwa saseWestville nomculi wokholo uPhilani Mbambo, ophinde abe ngujele.
Ngokusho kokhulumela uMnyango wezokuHlunyeleliswa kweziMilo, uThulani Mdluli, uthe alikho ifayela abanalo eliveza isikhalo sokuhlukunyezwa kukaNsibande eseyisiboshwa.
Uthe izinsolo ezivezwe wuNsibande bazozisukumela futhi bakholwa wukuthi ziyimizamo yokudicilela phansi isithunzi sikaMbambo njengoba esanda kuqokwa kumaSABC Crown Gospel Awards.
“Umnyango uzolubheka kabanzi lolu daba ngenxa yokuthi aluthinti uMbambo kuphela kodwa luthinta noMnyango wokuHlunyeleliswa kweziMilo. Sizobheka kabanzi konke okungaba ukuphulwa kwamalungelo wowayeboshiwe, ukuqinisekisa izinga lomnyango likulokhu okumele libe kulo,” kusho uMdluli.
UWandile owaziwa ngokudlala i-saxophone emculweni we-jazz novamise ukuqashwa emicimbini emikhulu njengeHazelmere Jazz neminye, uthe waze waba nokhwantalala walaliswa esibhedlela emva kokuzama ukuzibulala ngenxa yokuhlukunyezwa wumculi wokholo uPhilani Mbambo ongujele eWestville.
“Kuneqembu le-jazz laseWestville engaba yingxenye yokusungulwa kwalo ejele. Kusuka ngo-2014, ngidonsa khona eWestville, bekwaziwa ukuthi yilona elinandisayo lize liyocula nakwezinye izifundazwe. Inkinga iqale ngesikhathi sesigadwa wuPhilani Mbambo. Ubengiphuca i-saxophone yami ayivalele. Ubengafuni ukunginika yona ngisho kunomcimbi okumele sizilungiselele wona kanti bekuvumelekile ukuthi siyisebenzise uma sisazilungiselela.
“Bengize ngimbuze ukuthi ngoneni kuyena, anganginiki impendulo. Kukhona izikhathi lapho ebekusuke kunemicimbi okumele sinandise kuyona ne-band yami ejele, uPhilani angasiniki ithuba lokuzilungiselela. Kunalokho, bekuthi uma sekuyilanga lomcimbi kufike yena uPhilani ne-band yakhe yangaphandle kube yibona abaculayo, thina sivaleleke,” kusho uWandile.
Uthe okususe le nto njengoba esengaphandle, ukuthi uPhilani kunabantu amkhuluma kabi kubona nokwenza abantu bagcine bengafuni ukumqasha ngenxa yakhe.
UWandile ubedonsela icala lokubamba inkunzi kuhlonyiwe nokuzama ukubulala.
Ngokwenkulumo kaMdluli, uthe akuvumelekile ukuthi iziboshwa kube nezinto eziziphathela zona ejele ngoba zibuye zizisebenzise njengezikhali kodwa bazophenya.
Kuthintwa uMbambo, uthe ucela kukhulunywe nemenenja yakhe uSne Mahlasela.
USne uthe ngeke adalule okuningi ngodaba lwasejele njengoba selusingethwe abaphathi bejele.
“Kumanje kunabanye abaculi abahlonishwayo abayingxenye yokuthi kulungiswe udaba lukaPhilani noWandile engeke ngiwadalule amagama abo ngoba besifisa ukuthi lulungiseke ngokuthula. Esikwenzayo akungoba sizama ukuvikela uPhilani kodwa kungenxa yomonakalo omkhulu owenziwe yinkulumo kaWandile.
“Kuyaxaka nakho ukuthi le ndaba izovela manje ngoba uPhilani eseqokwe kumaSABC Crown Gospel Awards. Umonakalo omkhulu osuwenzekile ukuthi uPhilani uthukwa abantu ezinkundleni zokuxhumana, akasakwazi nokukhankasela ukuthi avotelwe. Kumanje kwayena uPhilani usenokhwantalala ngenxa yesenzo sikaWandile,” kusho uSne.