UMCULI wakuleli uMthandazo Gatya uthi angaya kude amaciko akuleli uma kungaqhubeka ukuvulwa kwamathuba anjengaleli elivulwe wumculi weRnB wase-USA, uJohn Legend, engomeni yakhe ethi Nervous.
UJohn Legend ufake le ngoma enkundleni yokuxhumana iTik Tok lapho evule khona inkundla yokuthi amaciko afake ubuciko bawo nezinhlamvu ezawo evesini lale ngoma, ukuze ezokhetha alithandayo.
UNomfundo Moh noMthandazo bangabaculi abaligxumele leli thuba, elivulelwe amaciko emhlabeni jikelele.
UMthandazo unconywe wumnikazi weculo ofake izimpawu ezikhombisa ukuthi ivesi lakhe liyashisa.
Ekhuluma neSolezwe uthe uma umuntu enza into ngokukholwa, iyaphumelela.
“Ngiwumlandeli omdala kaJohn Legend, okuthe uma ngibona efake ithuba elinjena kwiTik Tok, ngashayela ucingo imenenja yami kanjalo nomunye umfowethu engisebenza naye uma siqopha, ngabatshela ukuthi kukhona into engifuna ukuyenza ngokushesha. Bangixhasile ngaqopha ngayifaka ezinkundleni zokuxhumana lapho ithakaselwe khona kakhulu nami kwaba yinto engijabulisayo. Benginawo umuzwa wokuthi izokwenza kahle uma nje ngingayenza,” kusho uMthandazo.
Uthe ukubona uJohn Legend eyincoma kanjalo noBlack Coffee, kumkhombise ukuthi amaciko angenza omuhle umsebenzi uma ehlangana ngalolu hlobo.
Uthe okwamanje akazi ukuthi kuzogcina kwenzekeni ngengoma nokuthi iyini inhloso kaJohn Legend ngayo kodwa okumjabulisayo wukuthi le ngwazi yomculo yaphesheya kwezilwandle iwuthandile umsebenzi wakhe, okunye okungaphezu kwalokho sekuyoba yisibusiso empilweni yakhe.
“Mina ngijabule ukuthi noBlack Coffee uwubonile umsebenzi wami njengoba yena noSun El bengamaciko akuleli engifisa ukukhipha ingoma nawo. Ngelinye ilanga uma lolu hlelo lungaqhubeka singabona abaculi bakuleli besebenzisana nabakwamanye amazwe,” kuchaza yena.
Le nsizwa yaseMajazana, ngase-Orange Farm, eGoli ithe yangena emculweni ngemuva kokuba yingxenye yohlelo lwethelevishini iJam Alley lapho yaphuma khona isibili.
Uthe ugqame ngo-2020, ngemuva kokwenza kahle kwengoma yakhe ethi Senzeni.
Uthe yingoma eyenza kahle njengoba aphinde wayenza neqembu laseCanada, iLeon Dream.
Uthi okumenza aqhubeke nomculo wukuzwa abantu bemtshela ukuthi izingoma zakhe zibalapha kanjani emphefumulweni uma bejabule noma besosizini.