UKHALE mi izinyembezi umsakazi weMetro FM, uKhutso Theledi ngemuva kokuthola izindaba zokuqokwa kwiBasadi Music Awards.
UKhutso odume ngokuthi, Loko va vutisa ku ri ufamba na mani? U va byela ku ri u famba na Khutso Theledi. A hi-fambeni. Uhlelo lwakhe lungena ngo-9 luphele ngo-12, iBreak Away.
Kuthe esezophuma emoyeni esezikhulumela noProverb, wadalula izindaba zokuqokwa kwakhe. “Sengibe semsakazweni iminyaka engu-11 ngiyaqala ukuqokwa emncintiswaneni, kimina lokhu kufana nokuthi sengiwinile,” kusho uKhutso.
Ube esebonga abazali bakhe nabangani kanjalo nozakwabo kwiMetro FM ngokumeseka. UKhutso ujoyine iMetro FM esuka kwi YFM nalapho ekade esakaza uhlelo olungena ngo 9-12. Ngesikhathi ejoyina iMetro FM ufike wabambisana noMo Flava ohlelweni lwasekuseni ngaphambi kokuthi anikwe lolu aselusakaza manje.
Echaza udaba lwakhe kuProverb ongena ngo 12-3 ntambama ubehluleka nawukukhuluma kuzwakala ukuthi uyakhala kodwa izinyembezi zenjabulo. UProverb ube esethembisa ukuthi uhlelo lwango 12-3 luzobe lubhekiswe kuyena uKhutso.
Akuyena kuphela oqokiwe kwiBasadi Music Awards, kuphinde kwaqokwa uLerato Kganyago, Pru Luv ongumdidiyeli wohlelo olungena ngo 12-3 noPhila odidiyela olukaTbo Touch.
UKhutso oqokwe emunxeni weBest Presenter uzobe encintisana nabanye abasakazi bakweminye imisakazo.
Lama awards aqhakambisa iqhaza labesifazane endimeni yezikaqedisizungu.
Kulo mncintiswano kuphinde kwaqokwa nentatheli yezokungcebeleka kwiSolezwe, uNokubongwa Penyane.