Ukuhlangana nabantu bethi bakhula belalela umculo wakhe kukhumbuze isihlabani sowokholo uHlengiwe Mhlaba ukuthi sihlanganisa iminyaka engu-20 sangena endimeni.
UHlengiwe uzakhele udumo ngezingoma okubalwa kuzo ethi Remember Me, UJesu Uyalalela, Sewakhile, Ngonyama Kajuda nezinye.
Usebenze kakhulu nengwazi yomculo wokholo uSipho Makhabane kwi-Big Fish Music ngaphambi kokusungula inkampani yakhe iMhlaba Music.
"Akunakeki ukuthi sekuphele iminyaka engu-20. Senginaka ngoba sengijwayele ukuhlangana nabathi ‘hawu yaz ngakhula ngilalela wena, awugugi’. Ngivele ngisho ngenhliziyo ukuthi kuguga othandayo. Angizimisele ukuguga maduze," kusho uHlengiwe.
Utuse uNkulunkulu ngokuthi ummisile kuze kube yimanje ngoba akwandele babi ukuqeda iminyaka engu-20 esemculweni.
"Uma usebenza kulo mkhakha awunaso isiqiniseko sokuthi kuzophela inyanga imali unayo ngoba ayikho ekaliwe oyitholayo kodwa uNkulunkulu ungigcine kwaze kwaba yimanje. Ngiyabonga nakwabezindaba ngokuma nami bangenza ngaba sematheni. Uma ungabhalwa kusho ukuthi awusekho ematheni. Nabantu emakhaya ngiwumuntu engiwuye ngenxa yothando lwabo."
UHlengiwe uzogubha le minyaka ngendumezulu yekhonsathi ezoba sePlayhouse, eThekwini ngoMashi 22 kusuka ngo-6 ntambama. Amathikithi aseqalile ukutholakala eWebtickets nasePick n Pay ngemali ephakathi kuka-R250 no-R350.
"Kune-albhamu ezophuma ngaphambi kukaMashi 22. Kumele ngabe iphumile kodwa kulokhu kuba nezingqinamba. Ngokujwayelekile ngikhipha i-albhamu yase-studio bese ngikhipha eqoshwe bukhoma. Sekunesikhathi ngagcina.
“Ngithanda ukubonga uNkulunkulu kakhulu. Ngifisa amandla okubonga ngisho nakubantu ngoba kwesinye isikhathi umuntu ucabanga ukuthi ula ekhona ngenxa yakhe kanti kungenxa yabantu abavume ukusetshenziswa uNkulunkulu ukuthi bakweseke," kuchaza yena.
Uthe uyaxolisa kubalandeli bakhe ngokuthatha isikhatihi eside engawukhiphi umsebenzi oqoshwe bukhoma yize bebehlale bekhala kodwa uyakholwa ukuthi sebezoxola.
Uthe ekhonsathini uzocula izingoma ezindala aziwa ngazo nezintsha azobe eziqopha.
"Kule minyaka engu-20 zikhona izingqinamba ebezingangenza ngiqhele emculweni kodwa ngenxa yobizo ngikhona. Asiphumeni sibonge uNkulunkulu. Esigubha nabo iningi labo abaphunyuke kwi-Covid-19.
“Abakaze babuye kuNkulunkulu bayobonga ukuthi kungumusa wakhe ukuthi abahambanga. Kuningi okwenzekile kule minyaka engu-20 eyedlule. Iminyaka engu-20 yomusa. Nawe uke uzibuze ukuthi kahle kahle ngidlule kanjani lapha. Yisikhathi sokuyobonga," kusho uHlengiwe.