INTANDOKAZI yabaningi emculweni, ehlala igxekwa njalo ezinkundleni zokuxhumana ngezizathu ezahlukene, ithi abantu abangakuvumeli ukulawulwa yinzondo.
ULady Zamar, ongenye yezintokazi ezihamba phambili emculweni ngezingoma ezimnandi zothando, ugqugquzela ukuzethemba kubantu, uthi abantu bangavumeli ukubukelwa phansi ngabanye abantu kubacindezele empilweni.
ULady Zamar usho kanje kwazise naye uqobo uphila ngokuhlala egxekwa kwiTwitter nakwiFacebook kulandela ukuveza izinsolo zokudlwengulwa ngomunye wabaculi abathandwayo kuleli.
Lokhu kwamakhela isigcwagcwa kodwa noma kunjalo ukhuthaza abantu ngokubaluleka kokuzilwela, bamelane nenzondo ebhekiswe kubo. "Ngokuzayo uma umuntu ezama ukukudicilela phansi, zikhumbuze ukuthi awulawulwa yinzondo. Kunalokho uzodlondlobala kakhulu," kusho uLady Zamar kwiTwitter.
Yize esebeke amazwi akhuthazayo kodwa abantu kwiTwitter abayekile ukumhlasela, belokhu bemsola ngokuthi akathembekile. Babodwa abaveza ukuthi ngelinye ilanga kuzomele axolise esidlangalaleni ukuze isimo sibuyele kwesejwayelekile. KwiFacebook yilapho avamise ukungcofwa khona kakhulu uLady Zamar.
Kwala ngisho anganameka isithombe eswenke econsa kangakanani kodwa abantu bavele bashalazele ubuhle bakhe, baqhubeke nokumbeka amabala. Muva nje ubukeka esehlala efaka imibhalo eyakhayo nokubukeka sengathi usebenzisa isimo sakhe ukududuza abanye.