UMCULI ozakhele udumo ngomculo weHip Hop, uGigi Lamayne ukhumbule umlingisi ongasekho uMenzi Ngubane ngengoma ebambisene nabanye ozakwabo.
Echaza kwesinye isiteshi sethelevishini uGigi uthe, ubengumlandeli omkhulu kaMenzi Ngubane, ezifela ngendlela alingisa ngayo. “Kulengoma ngipike nabanye abaculi abafana noLadyDu, imnandi kakhulu nabantu bayayithokozela.
UMenzi Ngubane abaningi bazomkhumbula emidlalweni efana noBambo Lwami, Kwakhala Nyonini, Isibaya, Generations neminye.
Ongumfowabo kaMenzi, uBonny Ngubane uthe, bayayazi lengoma futhi bayithokozela kakhulu. “Umakoti (esho uNkosikazi kaMenzi) wayithola incwadi ivela kuGigi ecela ukwenza ingoma ngoMenzi.
Nangempela wavuma, njengoba seyiphumile nje lengoma, okunye wakuqinisekisa ukuthi enye ingxenye yemali izonikelelwa iMenzi Ngubane Foundation,” kuchaza uBonny othe angakujabulela ukuthi yesekwe kakhulu ngoba nabo bewumndeni bayayeseka.