Cape Town City (0) 1
Orlando Pirates (0) 0
I-Orlando Pirates iphunyukwe yithuba lokwenyukela esicongweni se-log yeBetway Premiership yehlulwa yiCape Town City emdlalweni eCape Town Stadium, eKapa, ngoLwesithathu ebusuku.
Igoli elinyomfe umcimbi wePirates lishaywe nguDarwin Gonzalez esiwombeni sesibili.
EZimnyama zingene enkundleni zinethemba lokucosha amaphuzu amathathu abezokwenza zenyukele esicongweni se-log, zeqe iMamelodi Sundowns eqhwakele ngawu-30 emuva kwemidlalo engu-11. Bezizolingana ngamaphuzu namaBrazilians kodwa zihlale phezulu ngenxa yokuba namagoli amaningi. Akubuzwa ukuthi ukuthola isibhaxu eKapa kwePirates kubashiye bejabhile abalandeli bayo kwazise bakholwa wukuthi kule sizini eZimnyama zinalo ithuba lokuqeda ukukhonya kweSundowns esinqobe isicoco seligi yePremiership amahlandla ayisikhombisa kulandelana.
Ngaphambi komdlalo umqeqeshi wePirates, uJose Riveiro, uthe:
“Sesiyakuthokozela ukuyidlala ngokuthothana imidlalo ngoba kuya ngokuya kusicacela ukuthi ayikho indlela yokukubalekela lokhu uma sinalezi zifiso esinazo ngesizini.
“Abalandeli banelungelo lokuphupha ngeqembu labo ngakho-ke okwethu ukuqinisekisa ngesikwenza enkundleni ukuthi silisondeza kanjani lelo phupho kubona,” kusho uRiveiro mayelana nethuba kumbe ingcindezi yabalandeli bePirates abebekhuluma ngokubuyela esicongweni ngaphambi komdlalo.
Enkundleni, akuthathanga isikhathi eside ukuthi umdlalo ufudumale kwazise womabili amaqembu aqale ngomfutho ophezulu kodwa kusobala ukuthi yiPirates iyona enamandla.
Nakuba bekusobala ukuthi iPirates idweba umlabalaba uma ihlasela kodwa ayizange ilithole igoli lokuyibeka ebuhleni kwaze kwaba kuyiwa ekhefini. Kube yiqembu lasekhaya elibuye noshintsho esiwombeni sesibili ngokukhipha, uHashim Domingo noKamogelo Mokotjo, lafaka uJayden Rhodes noThabo Nodada, bobabili obekuvele kuthusile ukuthi abawuqalanga umdlalo.
Nakulesi siwombe bekuvalwa iminyango uma iPirates ingena kodwa lutho ukubhakuzisa inethi kwaze kwaba ikhipha uTshegofatso Mabasa noDeano van Rooyen yafana, uBoitumelo Radiopane noThabiso Monyane, obuye waphuma. Lokhu kutholele iPirates iphenathi ethathwe uMaswanganyi okunguyena vele obedlaliswe kabi kodwa yamehlula ngomzuzu ka-70.
Kube sengathi kuyiqalisa phansi iPirates ukuyeka leli thuba ngoba kube ilikhuphulile igiya kodwa kube yigoli likaGonzalez eliphula izinhliziyo zePirates ngomzuzu ka-74.
Njengoba bekulindelekile, lo mdlalo uvulekile ngemuva kwegoli kwazise bese zithengana kodwa kucaca ukuthi iqembu lasekhaya seliyakucabanga ukuhlala emuva. Ukuhlasela mawala kwePirates bekuyishiya ivulekile emuva obekuvulela amaCitizens amathuba okushayela isipikili sokugcina.