KUSOLWA ushevu njengembangela yokufa okugcine kuthathe umculi we-Afro house, uWinnie Khumalo.
Lo mculi wodumo lwengoma ethi Live My Life nethi Hey Laitie ushonele emotweni abephuthunyiswa ngayo esibhedlela saseGoli, iChris Hani Baragwanath, ngezithuba zabo-2 emini.
Okhulumele umndeni kamufi, uSabelo "Ntombeningi" Sithole, uthe uWinnie uvele waphalaza igazi lagcwala indlu. Uthe umndeni umphuthumisa esibhedlela kodwa wafika khona esethule.
UNtombeningi uthe uthuke kwaphela nokusozwanini efica indlu igcwele igazi elinamahluli. "Bengiqala ngqa ukubona umuntu ephalaza igazi elingaka. Nemoto beyibomvu klebhu yigazi."
Uthe ubegcine ukukhuluma noWinnie ngezithuba zabo-7 ekuseni.
"Ubelokhu ethi akazizwa kahle. Ngithe uma ngithola isikhathi ngizoza ukuzombheka, wathi angikhululeke. Ngishaqekile sengizwa isililo ngabo-2 ntambama."
Eqhuba, uNtombeningi uthe uWinnie ubevele engaphathekile kahle kusukela ekuqaleni kukaNovemba nyakenye.
"Ubelokhu ekhala ngokuthi kunento emshisa esifubeni. Ubesola sengathi ushevu. Uthe uye kaningi eyoxilongwa kodwa kungaveli lutho. Nami ngamyisa kudokotela, naye wafike wathi akaboni lutho."
Ngesikhathi Isolezwe lithinta umndeni, umndeni bewunakekela indodakazi kaWinnie, uRethabile obengakwazi ukwamukela isimo.
UWinnie owazalelwa eMofolo North, eSoweto, waqala ukwaziwa emculweni ngeminyaka yo-1980 eseneminyaka ewu-15. Waduma ngenoni elalithi Hey Laitie nelithi Tshina Tshina.
Wabuye wakhuza ibuya nge-albhamu yokholo eyayithi Izono Zami. Wabuye wanyamala emculweni, wavumbuka ngeminyaka yo-2000 ngenoni elithi Live My Life futhi eselingisa emafilimini kaChicco Twala.
Ngaphandle kokucula yedwa, ubuye wayilungu leqembu lezintokazi iKalawa Chikita.
Ushiye emhlabeni indodana uThando noRethabile. Kuze kwayoshicilelwa kungakaqinisekiswa ngezinhlelo zomngcwabo.