IFOLO likamaskandi ligqemeke udume lwengozi kuhoxa ingwazi yalo mculo, uThokozani "Somnandi" Langa, emcimbini oseGugu Dlamini Park, eThekwini ngoMgqibelo.
USomnandi bekubikwe ukuthi uzohola ithimba lomaskandi ngokubambisana noShwi uma seliqhudelana nezitshudeni zasezikhungweni zemfundo ephakeme zaKwaZulu-Natal kwiKhumbula Wethu: Ingoma Yezitshudeni.
Ekhuluma neSolezwe, uSomnandi uthe lo mcimbi usuke waqondana kabi ematasatasa njengoba elungiselela umemulo wamadodakazi akhe amathathu ngoJuni 1.
"Manje ngimatasatasa kakhulu, ngilungiselela lowo mcimbi. Yikho ngingazokuba yingxenye yeFolo Lomaskandi," kuphetha uSomnandi.
Kubaculi abazobe bemele umaskandi kubalwa uMalahle, Mroza Fakude, Bahubhe, Imfezemnyama, Falabo, Sthebesimadixa, Ali Mgube, Njoko, Skhenqe, Ibhova Elincane, Lihle Xhakaza, Ithole Lendidane, Mashelela, Gqizile, Saliwa, Quality Biyela, DSD, Potso, Polo Makhoba, Mdumazi, Jaiva Zimnike, Khaza, Qhosha, Shilisi, Mshovo, Thibela, Abafana BakaMgqumeni, Nqulwane, Ngiga, Ntencane, noLuve.
Umgqugquzeli wale ndumezulu yomcimbi, uGeh Ngcobo, uthe kuzobe kukhona amabhinca afunda kuzo zonke izikhungo zakulesi sifundazwe. IFolo Likamaskandi lizobe lidlana imilala neDUT PMB Campus, UKZN PMB Campus, MUT Campus, DUT Durban Campus, Unizulu Campus, UKZN Howard Campus, UKZN Westville Campus, UKZN Edgewood Campus, Omelisizwe, Oqhawekazi, Team Orange naMaTLB.
UGeh uthe inhlosongqangi ngalo mcimbi ukwakha ubudlelwano phakathi kwabaculi bakamaskandi nezitshudeni ukuze zikwazi ukweseka laba baculi.
"Manje sewuba yiqhawe ngama-views asezinkundleni zokuxhumana. Izitshudeni yizona ezingena kalula ezinkundleni zokuxhumana ngoba kune-data lamahhala."
Eqhuba, Geh uthe maningi amabhinca ayizitshudeni. "U-80% wezitshudeni zaseMangosuthu nase-UKZN zingamabhinca. Yingakho kunama-bhasi awu-10 azobe eqhamuka eDUT, awu-10 azobe eqhamuka e-UKZN, awu-10 azobe eqhamuka eMangosuthu. Awu-5 azobe eqhamuka oNgoye namanye azobe eqhamuka kwiCampus yeDUT neye-UKZN eMgungundlovu."
Esephetha unxuse umphakathi ukuba ufike ngezinkani ngoba kuzobe kungenwa mahhala.