KUNOMLANDO wokungahoshelani kahle phakathi kowesilisa waseShayamoya, KwaDukuza, ovulele imeya kamasipala wale ndawo nabaqaphi bayo icala lokushaya.
UMnuz Thami Chiliza uvulele iMeya yaKwaDukuza uMnuz Ali Ngidi icala lokushaya ngoMgqibelo, ngesigameko okuthiwa senzeka ngoDisemba 26, 2024. Uthe ubelandela umyalelo wabameli bakhe njengoba eze walivula muva nje icala.
Elandisa Isolezwe uthe ngosuku lwesigameko, wayehamba ngemoto yakhe emgwaqweni odlula ngasemzini kamsolwa.
Uthe kwaqondana nokuthi nomsolwa uyaphuma ngemoto, wafuna ukuthi yena ame ukuze kungene yena kuqala, ahambe phambi kwakhe.
“Angizange ngivume ngoba yimi owayenemvume yokuthi ngiqhubeke ngihambe. Kwabe sengonile ke, wangijaha nonogada bakhe,” kusho uChiliza.
Uthe bagcina bemfica, i-Toyota Hilux eyayihamba onogada yamvimba ngaphambili, kwathi i-BMW eyayihamba umsolwa, yama ngemumva.
“Kwehla yona ngqo imeya, ngazitshela ukuthi izongibuza imibuzo, kodwa ngamangala isingithela impama,” kusho uChiliza.
Uthe wayesathi uyabuza ukuthi kungani umsolwa emthela ngenduku ngesikhathi kungenelela onogada bakhe, bemkhipha emotweni.
Uveze ukuthi kwaze kwalimala isicabha semoto, ezabalazela ukuphuma onogada bemdonsa ngendluzula.
Uthe emva kokumkhipha emotweni, babe sebemnaphaza ngenduku.
“Ngisho sengilele phansi abazange bangiyeke,” kusho uChiliza, othe onogada bagcina beshaya ngisho nomfowabo ayenaye emotweni, owayethi uzama ukulamula.
Uveze ukuthi bangena emotweni yabo (onogada), bashayela eyakhe imoto, kwabhekwa esiteshini samaphoyisa eMhlali, lapho afike wavulelwa khona icala lokushayela ephuzile.
Uthe baqale bazama ukuvula elokushayelisa kabi umsolwa, okwathi uma liphikwa yikhompyutha, base bemvulela elokushayela ephuzile njengoba “ayekhothakhothile”, kuyisikhathi samaholidi.
Uthe wahlala izinsuku eziyisishiyagalombili esitokisini waze wadedelwa ngoJanuwari 2.
Udalule ukuthi kwathi uma eseyokhipha imoto yakhe, wathola ukuthi wawungasekho u-R20 000 owawuphakathi ngesikhathi onogada beyithatha ngaphandle kwemvume yakhe ngosuku lwesigameko.
Uveze ukuthi ubudlelwano phakathi kwakhe nomsolwa ayekade engamathe nolimu naye kusukela bebancane, baphela ngesikhathi bencintisana kwesobukhansela okhethweni olwalungo-2021. Uthe kwagcina kuphumelela yena umsolwa.
Uthe okunye okubuye kwenza isimo saba sibi, ukuvunwa yinkantolo kolukamasipala odiliza imijondolo yabo endaweni athi babeyinikwe uye umsolwa ngo-2022, esethathe esobukhansela.
“Wasinika yona. Wathi asakhe khona imijondolo yethu,” kusho uChiliza.
Uthe umasipala wabanxusa ukuthi abangaqale baqhubeke nokwakha, balinde ukuthi bafakelwe ingqalasizinda yamanzi.
Uthe emva kokulinda unyaka wonke (2023) kungenzeki lutho, bakhetha ukuvele baqhubeke nokugxumeka imijondolo yabo ngo-2024.
“Besilokhu sidilizelwa, siphinde sizivuse izakhiwo. Kuthe sekungena yena (umsolwa) kwesobumeya ngo-Okthoba (2024), kwangabe kusaba ukudilizelwa kuphela, kwaboshwa nabantu,” kusho uChiliza.
Uthe ilapho beye khona enkantolo beyofaka isicelo sesivimbelo, yafike yavuna bona encwadini eyikhiphe ngasekuqaleni kukaDisemba.
Uthe njengoba ebuye abe ngusihlalo wenhlangano engenzi nzuzo, iKwaDukuza Business Forum, eyizwi labantu bakule ndawo, bafaka isikhalo ngomsolwa engakabi yimeya, bethi akawenzi umsebenzi wakhe.
Uthe baqala bazifaka kumasipala izikhalo zabo, nokwathi uma bebona ukuthi kuhamba isikhathi bengaphendulwa, badlulela phambili eMnyangweni wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu ezingeni lesifundazwe.
“Impendulo ebuya emnyangweni, iyalela usomlomo kamasipala ukuthi athathe izinyathelo ngalokhu, nayo impendulo ibuye ngawo uDisemba. Ngibona ukuthi konke lokhu kuvele kwayicasula kakhulu imeya,” kusho uChiliza.
Uthe yena ufuna ubulungiswa, kuboshwe umuntu osezibona emkhulu kunomthetho.
Imizamo yokuthola uNgidi ayiphumelelanga. Namaphoyisa awayiphendulanga imibuzo ayithunyelelwe ngodaba.
Okhulumela umasipala uMnuz Sifiso Zulu uthe nakuba imeya ingeke ikwazi ukuphawula kakhulu ngodaba olusenkantolo, kodwa akukho okushiwo uChiliza.
Uthe ngosuku lwesigameko uChiliza wathikameza izimoto zemeya kodwa kwathi uma onogada besala ukulungisa leso simo, njengenjwayelo, imoto eyayihamba imeya yangama.
“Kwasala onogada, okwathi uma bebona ukuthi uphuzile uChiliza, babiza amaphoyisa kamasipala, okuyiwo ahamba ayomvulela icala,” kusho uZulu.
Uthe lusha kubona nodaba lwencwadi yenkantolo evumela oChiliza ukuthi bahlale emhlabeni kamasipala ngokungemthetho.
“Esiyaziyo incwadi eyango-2022, eyayithi umasipala awuyidilize noma inini imijondolo egxunyekwa kule ndawo, yaqhuba yathi ungalekelelwa ngisho nangamaphoyisa uma sewenza lokho,” kusho uZulu.
Olwencwadi ethunyelwe uMnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu, nalo uthe akakaze ezwe ngalo ngehhovisi likasomlomo.
Ubalule nokuthi ngoDisemba 2023, uChiliza wayephambili ebantwini abacekela phansi isango lomuzi wemeya, bangena bashisa amathayi egcekeni, kwaze kwavulwa icala, namanje asalihambayo enkantolo.
Uphethe ngelithi imeya ithi ayikhumbuli kuba khona lapho inyathelana khona amakhona noChiliza.