NGEKE sisalubhada kumaSABC Crown Music Awards isilomo somculo wokholo uDeborah Fraser.
Sikuveze lokhu ngesikhathi sinengxoxo ekhethekile neSolezwe ngeSonto ukuzokwethula i-albhamu yaso entsha ethi Okajehova Akanqontshwa, aveze ukuthi uyibhale ekhuthazwa ngabantu besifazane abaqotho abaseBhayibhelini.
Uthe ngeke abonwe nangokhalo kulo mcimbi obhekwe ngabomvu abaculi nabathandi bomculo wokholo, okulindeleke ukuthi ube ngoNovemba.
Uveze ukuthi akaphumi iqhubu nalo mcimbi kuphela kodwa imicimbi nje yonke usekhethe ukuthi angayihambeli ngoba ugcina esebuya nokukhuluma okukhulu, agcine esezisola ukuthi ubeyaphi.
“Sengiqoke ukuthi ngenze lokhu uNkulunkulu angithume khona. Nginikele impilo yami kuNkulunkulu. Sesadlula isikhathi lapho engincintisana khona nabantu, ngibheke ukuthi umuntu wenzani,. Nginenhlanhla ngoba abantu basawuthanda umculo wami, basa-wuthenga,” kusho uDeborah.
Uthe uNkulunkulu usemkhulisile, usenguDeborah ombethe ingubo entsha.
Uqhube wathi useyayazi into ekumele ayenze okumele ayikhulume.
“Izinto eziningi mina angisekho kuzona. Wagcina nini ukungibona nje ezintweni kuthiwe nangu uDeborah? Angisazenzi lezo zinto. Sengiya endaweni uma ngiqashiwe, ngifike ngenze leyo nto. Ngidlulile esigabeni sokuhambela imicimbi ngoba izinto ezingilethela ukukhuluma, ezinye zingehlisela isithunzi,” kusho uDeborah.
Ukhuluma ngokungayi kumaCrown nje, ngo-2017 kwaphuma umbiko ngengxabano kaDeborah noZanele LaMbokazi Nkambule ongumsunguli wamaCrown.
Babebanga ukuthi uDeborah waveza ukuthi nguye owacelela umculi wokholo ongasekho uLundi Tyamara indondo kumaCrown, enkonzweni yakhe yesikhumbuzo.
UDeborah akafunanga ukuveza ukuthi yini eyamenza athathe isinqumo sokuthi angaphinde ahambele amaCrown.
Ethintwa uZanele uthe umuntu uza kulo mcimbi ngoba esuke ethanda ngakho akukho azokuphawula uma uDeborah ethi ngeke awuhambele.
Ngaphandle komculo uthe uchitha isikhathi epulazini lakhe eliseGauteng elikhiqiza amaqanda.
Akafunanga ukuphumela obala ngezothando, uthe wathatha isinqumo sokuthi akasophinde akhulume ngempilo yakhe yangasese kwabezindaba.
Ugcizelele ukuthi usedlule kokuningi empilweni kodwa usamile ngenxa kamandla kaNkulunkulu.
Uthe uzobe ekhuluma emcimbini wabesifazane iWomen in Dialogue ngo-Agasti 9 ehhotela iRiverside lapho ezobe egqugquzela abesifazane ukuthi bayeke ukufela ngaphakathi ngezinkinga zabo.