UKUSHONA kukaMampintsha (Mandla Maphumulo) kulandela ukugula ngoDisemba, eminyakeni emithathu edlule, kwashiya ilungu le-Big NUZ, uDanger, lisele lodwa eqenjini.
UMampintsha washona elandela uR Mashesha yena owadlula ngo-2015, naye ethathwa wukugula.
I-Big NUZ yiqembu elaqopha umlando ngezindlela eziningi emculweni nokuyinto uDanger athi uzimisele ukuthi ingacisheki ngokwenza abantu bangalikhohlwa igama layo.
"Ngizozibiza ngoDanger weBig Nuz uma sengikhipha umculo wami omusha engiqedela ukuwupheka," kusho uDanger.
Umphathi we-Afrotainment, i-Big NUZ eqopha ngaphansi kwayo, uDJ Tira, usanda kutshela leli phephandaba ukuthi kukhona akuhlanganisa noDanger.
Lo mculi ukuqinisekisile ukuthi uhlanganisa i-Extended Play (EP) ezophuma ngaphambi kwePhasika.
"Ngikhipha njengoDanger weBig NUZ futhi ngihlanganise izinhlobo zomculo ezahlukene. Abantu bayazi ngothando lwami lwe-hip hop ngakho kuzoba khona ingoma yayo. Ngisebenze kuyo noReason (Sizwe Alakine) no-Efelow. UMakyo akasali naye ukhona. Abanye engizosebenza nabo angikabaqinisekisi," kusho yena.
Uthe ezinye zezingoma uzoziziswa abantu emcimbini wokugubha usuku lwakhe lokuzalwa obelungeledlule.
"NgoMgqibelo, sizobe sigubha ngomcimbi iDangerous Affair e-Exit Carwash eMlaza. Ngizobe ngihamba noDJ Tira, Bongz, Boonu, Ntukza, AmaTycooler noDJ bakhona. Sizodlulela naseBlack eMhlanga ngawo uMgqibelo. NgoLwesihlanu, sizoqala e-Empire Cafe eDavenport. Zikhona nezinye izindawo ezingakaqinisekiswa," kuchaza uDanger.
Uzobe engaqali ukukhipha yedwa kusuka ozakwabo bengasekho. Ngo-2023, ukhiphe i-EP yeBig NUZ i-Last Man Standing.