BASHAYA amakhala ngokukhishwa ohlwini kwabanye abafake izicelo zokuba othishanhloko, amaphini othishanhloko, nezinhloko zeminyango kwezinye zezikole zaKwaZulu-Natal ngoba kuthiwa abalandelanga imigomo ebekiwe.
Lokhu sekwenze uMnyango wezeMfundo esifundazweni wakhipha umyalelo wokuthi abasekhaleni kulolu hlelo bangenzi okuthandwa yibona futhi banganyuli abantu ohlwini ngoba benze amaphutha angatheni.
UNobhala we-Sadtu esifundazweni uNksz Nomarashiya Caluza, uthe bathole izikhalo ezehlukene ngabahloli abazenzela umathanda.
Uthe ezinye zezikhalo ngezabantu okuthiwa basuswe ekubeni sembangweni walezi zikhala ngoba besebenzise i-Z83 endala ngesikhathi befaka izicelo.
“Abanye bakhala ngokuthi basuswe ohlwini ngoba kuthiwa basayine i-Z83 besebenzisa ubuchwepheshe. Kanti kunalabo abakhale ngokuthi bekudingeka bafake izinombolo zabo ze-passport ekubeni bengabantu bakuleli,” kusho uNksz Caluza ekhuluma namalungu ale nyunyana kwi-Zoom okufakwe i-video yayo kwi-Facebook.
Uthe kwesinye isikhathi izinyunyana bezingeyona ingxenye yohlelo ekubeni kumele zibekhona ukuzobheka ukuthi uhlelo luhamba kanjani.
“Sifuna zilungiswe zonke lezi zinto, kubuyiselwe embangweni labo abasusiwe ekubeni kungafanele. Uma kungenjalo kumele luqalwe phansi lonke uhlelo,” kusho uNksz Caluza.
UMnuz Nathi Ngcobo, inhloko yomnyango, kwisekhula ayikhiphele izikole, uthe akumele kukhishwe abantu ohlwini ngoba besayine ngohlelo lwezobuchwepheshe kwi-Z83, noma labo abangazifakanga izinombolo zabo ze-passport.
Uthe lezi zikhalo bazitholile wathi kumele kulandelwe imigomo ebekiwe uma sekuhlungwa abantu abazohlonywa imibuzo.
“Abangakhishwa abantu ngoba kuthiwa basebenzise i-Z83 endala. Izigungu ezilawula izikole namakomiti bazobe bephonsa imibuzo abasembangweni wezikhundla, kumele baphothule uhlelo balethe namagama abantu abaphakanyisiwe ngoMashi 20, 2025,” kusho uNgcobo.
UMphathiswa wezeMfundo uMnuz Sipho Hlomuka, uke wakhala ngokuhamba kancane kohlelo lokuvala lezi zikhala ezikoleni ekubeni izikhala kudala zakhangiswa.
UHlomuka wathi lokhu kubambezeleka kudalwa izigungu zezikole okuyizo engabe zisheshisa uhlelo.
Ngokohlelo lomnyango lezi zikhala bekumele kube sekuqala abantu abasha kuzona ekuqaleni konyaka.
Kujwayelekile ukuthi njalo uma kunalezi zikhala ezikhishwa minyaka yonke kube nomsindo nombango njengoba kukhona abasuke beziconsela amathe.