BASOLA isandla semfene ngengozi yomgwaqo okuthiwa idlule nomphefumulo kathishanhloko wasesikoleni iMlokothwa High, eNhlophenkulu, KwaNongoma ngoMgqibelo.UMnuz Vusumuzi Khumalo (59) waseNkonjeni, eMahlabathini, oLundi, kuthiwa ubezigijimela eceleni komgwaqo u-N2 ngaseMthunzini ngesikhathi eshayiswa yimoto engaziwa, maqede yashaya yachitha.
Umthombo wangaphakathi esikoleni utshele Isolezwe izolo ukuthi basele nemibuzo ngesikhathi okwenzeke ngaso isigameko.
Udalule ukuthi kwenzeka isigameko nje, ngoLwesine bekuphothulwa ukuvivinywa kwezinkampani ezifuna ukuthatha umsebenzi wokuphekela abafundi abahlala ngaphakathi esikoleni.
Uthe lokhu kulandela ukungenzi kahle kwenkampani ebisiyenze lo msebenzi kusuka ngo-2002.
Ebalula okunye kwakho uthe abafundi bese bengasazitholi izithelo nemifino ngendlela efanele, isikole sesithola izikhalo kubazali babafundi njengoba belukhokhela eceleni lolu hlelo.
Uthe ukufakwa kwesikhangiso sethenda yalo msebenzi ngoDisemba 2024 nokuqala kokuhlunga kule nyanga akwehlanga kahle kwabanye.
Ukhulume nangomdonsiswano webhasi okuthiwa yathengwa umnikazi wenkampani eyayiphekela isikole eyithengela isikole, njengokwesivumelwano sokusebenzisana.
“Isivumelwano sasithi uma enikwa ithenda yokuphekela izingane ezihlala ngaphakathi, kukhona okufanele akwenzele isikole. Kwavunyelwana nge-mini bus, useqedile ukuyikhokhela, kusuke umdonsiswano sekufanele alethe i-logbook yayo esikoleni, engasafuni,” kusho umthombo.
“Asisho ukuthi sithini kodwa nje sizibuza imibuzo ukuthi ingozi yase yenzeka ngesikhathi esibucayi kangaka lapho sekushoda ukuthi kumenyezelwe ophume phambili kwabebehlungwa bese inkampani ekhona inikwa inyanga ukuthi iphume (serve notice),” kusho umthombo.
Uthe umufi uyijwayele indawo abegijima kuyo, akuwenzi umqondo ukuthi ubengaba sephutheni, aze ashayiswe yimoto.
Uthe kwakhona ukuthi ithi uma imoto isimshayisile bese iyabaleka, nakho kubashiya nemibuzo yokuthi umshayeli yini ebalekile uma ‘bekuyiphutha’.
“Asikukholwa nhlobo ukuthi lena bekuyingozi ejwayelekile,” usho kanje.
Uchaze umufi njengomuntu obebizelwe ebuthisheleni.
Uthe uqale ebuthisheleni ngo-2006, esebuya ekusebenzeleni izinkampani zezimali ezehlukene, okukhona kuzo ne-FNB KwaNongoma.
“Wagcina eshiya kwezezimali, wathi ufezekisa iphupho lokufundisa. Ubewusizo kothisha, ebapha indlebe nezeluleko uma bedinga lokho. Nakubafundi ngokunjalo, ubevele aphenduke umzali,” kusho umthombo.
Ubalule ukuthi isikole besithola imiphumela engaphezu kuka-90% ebuholini bakhe, siqoqa izindondo emazingeni ehlukene, okukhona kuzo isifunda, isifundazwe nakuzwelonke.
Umfowabo kamufi, uMnuz Mduduzi “Mthofi” Khumalo uthe baphatheke kabi ngesehlakalo njengoba umufi ebewuthanda umsebenzi wakhe, umndeni nenkonzo yaseLuthela lapho abewumshumayeli khona.
“Ubewubaba ekhaya, aphinde abe wubaba nasesikoleni,” kusho uKhumalo.
Uthe bona bathintwe amaphoyisa, ebazisa ngesigameko, athi atshelwe umuntu obedlula, ombone elele phansi.
“Uwumuntu ojwayele ukuvuka ngabo-6 ekuseni, ahambe ayozigijimela. Esikutholile ukuthi ingozi imehlele esebuya eza ekhaya,” kusho uKhumalo.
Uqhube wathi bazizwile izinkulumo zabantu abashaya amakhala ngokufa kwakhe.
“Asifuni ukukufaka ekhanda lokho. Sizodedela amaphoyisa ukuthi enze umsebenzi wawo. Sethemba ukuthi ngoba loya umgwaqo unamakhamera azobhekwa nawo uma sekuphenywa lezi zinsolo,” kusho uKhumalo.
UNobhala we-Sadtu e-KZN, uNksz Nomarashiya Caluza uthe bafe olwembiza.
“NgoLweishlanu i-Sadtu ibiklomelisa izikole ezenze kahle. Isikole sakhe asisalanga. Kubuhlungu ukuhamba kwabantu abafana naye. Sidlulisa amazwi enduduzo emndenini, esikoleni nasemphakathini.”
UMnyango wezeMfundo esifundazweni udlulise amazwi enduduzo emndenini.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda, uthe amaphoyisa aseMthunzini avule icala lokubulala ngokungenhloso kulandela isigameko sokushayiswa yimoto kowesilisa obezilolonga.
“Imibiko ithi umsolwa uvele wabaleka, uphenyo luyaqhubeka,” kusho uNetshiunda.