BAZOHLASELWA emathaveni nasezindaweni ezehlukene abahlanganyela kuzona abesilisa, ukwehlisa isibalo sabahaqwe yigciwane i-HIV ekubeni bengayidli imishanguzo yokuthithibalisa leli gciwane.
Lokhu kuvezwe uMnyango wezeMpilo nezinhlangano ezehlukene ezifuqa eyempi yokulwa naleli gciwane ukuze kuthi kushaya u-2030, sibe sesehle ngamandla isibalo sabantu elingasaveli ukuthi banalo igciwane.
Bangu-1.1 million abantu okuvela ukuthi abayithathi imishanguzo yokuthithibalisa leli gciwane yize sekuqinisekisiwe ukuthi banalo.
Iningi labo ngabesilisa okuthiwa abanye babo bayiqala base beyilaxaza phakathi, abanye kuthiwa abakaze bayidle nhlobo, bagcina ngokuhlola.
UNgqongqoshe wezeMpilo, uDkt Aaron Motsoaledi, uthe sekuyisikhathi sokuthi bahlasele ezindaweni lapho kugcwala khona abesilisa.
Uthe abesilisa kumele babambe iqhaza empini yokulwa naleli gciwane njengoba abesifazane kuyibona ababadlula ngamalengiso ekuyithatheni imishanguzo nasekuyisebenziseni.
“Sihlele ukuthi ngoDisemba nonyaka, babe sebedla le mishanguzo la bantu abangu-1.1 million, okwatholakala ukuthi bahaqekile kodwa abangayidli imishanguzo. Iningi labo ngabesilisa, yingakho sizobafuna kuzona zonke izindawo abahamba kuzona, ukuze sibanike amaphasela abo,” kusho uMotsoaledi.
Uthe ngoLwesibili, bathule lo mkhankaso wokubathungatha eSoweto, owaziwa nge-HIV Treatment Gap.
“Abesifazane yibona abasekhaleni lokulwa naleli gciwane. Emkhankasweni wango-2010, u-65% wabahlola kwatholakala ukuthi banaleli gciwane abesifazane. Kulo mkhankaso wango-2010, sahlola abantu abangu-18 million, u-65% wabo okwakungabesifazane.”
Uveze ukuthi bangu-7.8 million abantu abane-HIV kuleli, u-5.9 million udla imishanguzo ama-ARV.
“Sibhekene nenkinga ekuheheni abesilisa ukuthi bathathe imishanguzo. Abesilisa abayi emitholampilo futhi kuwumqansa ukubanxenxa ukuthi baye kulezi zikhungo.”
Indlela athe bazokwenza ngayo njengoba bebaningi abantu okudingeka babathungathe, bazohlukanisa ngezifundazwe besebenzisana nezinhlangano eziningi ezehlukene.
“Izibhedlela nemitholampilo ziyabazi ukuthi bangobani labo abangayidli imishanguzo. Sizosebenzisa lolo lwazi ukubathungatha, siye lapho bekhona,” kusho uMotsoaledi.
UDkt Thembisile Xulu isikhulu esiphezulu se-South African National AIDS Council (SANAC), ekhuluma neNewzroom Afrika izolo, uthe ulwazi luyabatshela ngabayeke imishanguzo kanjalo nalabo abangakaze bayidle.
Uthe bayabazi abantu ababafunayo, iningi labo okungabesilisa ngoba yibona abaseqhulwini kulabo ababafuna phansi phezulu.
“Abesilisa abathandi ukuya emitholampilo, abanye abayi nasemasontweni. Basaba isipili nokuya ezindaweni ezigcwala abesifazane nezingane yingakho begcina bengayi emitholampilo.
“Yingakho izinhlelo zethu zibheke kwabesilisa ngqo ngokuthi siye lapho bekhona, okungaba yizindawo abahlanganyela kuzona, kungaba amathaveni kanjalo nakwezinye izindawo. Abesilisa kabazothola imishanguzo yenyanga eyodwa kodwa bazothola eyezinyanga eziyisithupha ngoba abathandi ukuhambela izikhungo zezempilo,” kusho uDkt Xulu.
I-Treatment Action Campaign (TAC), isike yahlaba ikhwelo lokuthi kushintshwe indlela okulandwa ngayo imishanguzo ye-HIV, ingalandwa njalo kodwa ilandwe emuva kwezinyanga eziyisithupha.