LIHLALELE ovalweni ilungu lebhodi leNgonyama Trust, iNkosi Sibonelo Nkosinathi Mkhize, elisolwe ngokubangisa iSilo.
UMkhize uthe ukugagulwa kwegama lakhe njengomunye wabantu abadonsisana neSilo ngesikhathi kunembizo ebibizwe yiMbube, kumenza azizwe engaphephile.
Ukusho lokhu ngesikhathi ekhuluma nabezindaba eMgungundlovu, izolo. Igama likaMkhize ligagulwe yilungu lebhodi, uDkt Thandiwe Dlamini.
UDkt Dlamini usole uMkhize ngokubangisa iMbube kwesokuba usihlalo webhodi. Okwenza ukuthi uDkt Dlamini enze lezi zinsolo ukuthi uMkhize uyena osayinela imali yeNgonyama Trust ebhange.
UMkhize ophethe isizwe sabaMbo eHlathikhulu, uthe lokhu okushiwo uDkt Dlamini kungenza ukuthi kube khona abamcabangela okubi.
UMkhize wenze isicelo kulabo okungase kwenzeke ukuthi bacabanga ukumenzakalisa, wathi unxusa lokho bangakwenzi phambi komndeni wakhe.
“Uma kukhona umonakalo abafuna ukuwenza kumina sengiyocela ukuthi bakwenze ngihamba ngedwa. Iba buhlungu le nto yokuthi ulinyazwe uhamba nondlunkulu nabantwana.
“Uma kuwukuthi kukhona abakwenzayo, sengizinikele ukuthi ingoba nakhu ngikhulumela isizwe sakithi, akukho okubi engikwenzile. Ngiyabazi ubuhlungu bokulahlekelwa ozakwethu. Into engiyicelayo ukuthi uma sekuqondene nami, ngicela ukuthi bakwenze ngingedwa.”
UMkhize uthe okumenza asabele impilo yakhe ukuthi vele KwaZulu-Natal, zandile izigameko zokusocongwa kwamakhosi.
Ubalule amakhosi amabili aqhamuka esifundeni uThukela asanda kusocongwa phambi kwemindeni yawo, inkosi Zwelakhe Ndaba nenkosi Siphamandla Khumalo.
“Njengoba kugagulwe igama lami lapha embizweni, uzakwethu wathi ngifuna isihlalo seSilo, abanye abantu abaphuma ezizweni zethu kanye nabanye abantu ababona sengathi uKhabazela uzenza ngcono, kungagcina kukhona into abafuna ukungenza yona.”
UMkhize uthe uyasihlonipha iSilo, wathi bazana kusukela kudala.
“Obaba bethu babefunda esikoleni esisodwa iBhekuzulu College. Akubona ubudlelwano obuqhamuka manje. Yini ke esingenza ukuthi ngingamhloniphi oMdala?”
UMkhize uthe into eyenza ukuthi kube wuye osayinela imali yeNgonyama Trust ingoba iSilo asitholakali kalula, wathi futhi akusiyena yedwa osayinayo.
Lokhu kushiwo nayiphini likasihlalo webhodi leNgonyama Trust, u-Advocate Linda Zama, nesikhulu esiphezulu kwiNgonyama Trust, u-Advocate Vela Mngwengwe.
INkosi uMkhize isho okucishe kufane nokusanda kushiwo uMntwana uMbonisi kaBhekuzulu Zulu emva kokuba iSilo sigagule igama lakhe, sathi uyisitha sesikhwama esigade umhlaba kaZulu, iNgonyama Trust.
IMbube ithe ibhodi leNgonyama Trust lasho ukuthi alisebenzeli yona emva kokuhlangana noMntwana uMbonisi.
UMntwana uMbonisi usanda kuthi imshaqisile inkulumo yeMbube, waveza nokuthi ibeka impilo yakhe engcupheni.
Uthe iMbube imqhatha ngamabomu noZulu, waphika ukuthi unesandla ezinkingeni ezikhungethe iNgonyama Trust.
UMntwana uMbonisi, ongumnewabo weSilo uGoodwill Zwelithini kaBhekuzulu, ukuphonsela inselelo ukuqokwa kweSilo uMisuzulu. Uyingxenye yabaNtwana baseNdlunkulu abafaka icala elaphonsela inselelo ukuqokwa kweSilo.
Leli cala liseNkantolo yamaCala aDlulisiwe njengoba uMengameli Cyril Ramaphosa, aliphonsela inselelo isinqumo seNkantolo eNkulu ePitoli, eyachitha isinqumo sakhe sokuvuma ukuqokwa kweSilo.
UMntwana uMbonisi wafaka icala eNkantolo eNkulu eMgungundlovu, efuna isivimbelo esizonqanda iSilo ukuba sengamele ukusebenza kweNgonyama Trust kuze kuba kuphothulwa icala lokuqokwa kwaso, nokho isicelo sachithwa.