UFUNA ubulungiswa owesilisa waKwaShoba, oPhongolo, kulandela isigameko sokulunywa yizinja zakwamakhelwane wakhe ngoDisemba, zamudla ingalo.
Kulesi sigameko okuthiwa senzeka ngoDisemba 15, kwalimala uMnuz Gedleyihlekisa Nxumalo (45).
Elandisa Isolezwe ngesigameko, uthe yena nabanye besilisa bendawo babekade belekelela ngomsebenzi wokwakha kulo muzi okwenzeka kuwo isigameko.
Uthe bathi sebephuma, emva kokukhothakhotha kancane, bakhonkothwa yizinja zakhona.
“Asizange sinake kangako ngoba vele zijwayele ukukwenza lokhu njalo uma sesihamba. Ngamangala sengizwa into engigxavuna ngemuva, ngawa phansi,” kubeka uNxumalo.
Uthe kwase kuyizo izinja ezintathu zakulo muzi, ezasina zazibethela kuye, zimluma, wagcina enqunywa ingalo esibhedlela ngenxa yomonakalo ezawudalayo.
UNxumalo uthe okumphathe kabi emva kwesigameko, indlela lo mndeni omphathe ngayo.
“Abazange bangisize ngalutho. Ngehla ngenyuka ezibhedlela ngenxa yezinja zabo kodwa abakaze bangilekelele nangasenti, ekubeni bayazi ukuthi angisasebenzi,” kusho uNxumalo, othe ngenxa yalesi simo ugcine ephelelwa umsebenzi wasemgwaqweni.
Uthe okunye okubuye kwamephula umoya kakhulu ukutshelwa ngamaphoyisa ukuthi kulahleke idokodo lecala lakhe.
“Bengisalindele ukuthi ngithole ubulungiswa kodwa amaphoyisa angenzela phansi,” usho kanje.
Udalule ukuthi umphenyi wecala unengane nowesifazane wakubo kwezinja, wathi akasazi noma yilokho yini okubangele ukuthi kulahleke idokodo lecala lakhe.
“Ngiyabufuna ubulungiswa ngalesi simo esingishiye ngingenangalo. Bona bayaqhubeka nempilo yabo, mina eyami isishintshe unomphelo,” kusho yena.
Ilungu lomndeni walapho okwenzeka khona isigameko, uMnuz Siyabonga Simelane, lithe bayalwazi udaba.
“Ngosuku lwesigameko yimi engabizwa ukuze ngikwazi ukumphuthumisa esibhedlela. Namanje kuyenzeka kube khona engimlekelela ngakho,” kusho uSimelane.
Eqhuba, uthe yize bewumndeni owodwa, kodwa lesi sigameko senzeka kwelinye igceke. Ngaleso sizathu, akathandi ukwenaba kabanzi ngesigameko.
Uthe abegceke okwenzeka kulo isigameko yibo abangaphawula kangcono kwezinye izikhalo zikaNxumalo. Nokho kabatholakalanga kwaze kwashaya isikhathi sokushicilela izolo ebusuku.
Namaphoyisa kawatholakalanga ukuba aphawule ngokulahleka kwedokodo.