IYASHUBA ingxabano ephakathi kowayengumsakazi nomethuli wezinhlelo zethelevishini, uNgizwe "Inkosi Yamabhinca" Mchunu nomculi wegqom', uSizwe Mdlalose njengoba sebefakana enkantolo.
Ekhuluma neSolezwe, uSizwe uthe usethathe isinqumo sokumbopha uNgizwe emuva kokumchapha ngezinhlamba, okubalwa kuzo nokuthi uyisitabane (okuyigama okuthukwa ngalo umuntu onobudlelwano nonobulili obufana nobakhe).
USizwe uthe okumenze wathathela uNgizwe izinyathelo zomthetho ukuthi izinhlamba amchapha ngazo azisaphazamisi umoya wakhe kuphela kodwa seziphazamisa ikubo nomuzi wakhe.
"Kungagcini lapho, kuphazamisa nomsebenzi wami."
Uthe kunabanye abaxhasi abesebenzisana nabo asebeqala ukushaya amakhala emuva kokuba uNgizwe emdilike ngezinhlamba.
"Ngilokhu ngilwa indaba yami ngenxa yazo zonke lezi zinhlamba ebengithukwa ngazo ezigcine sezingcolisa igama lami."
Uthe ukufaka uNgizwe enkantolo akakwenzi ngoba egcina icala kodwa wenzela ukuba kube yisifundo nakwabanye abantu abangacabanga ukudlalela egameni lakhe.
"Ngenzela ukuthi nanoma wubani odlalela egameni lami azi ukuthi umthetho uzobhekana naye ngqo. Ngisho ngoba le nto iphazamisa igama likaSizwe Mdlalose. Igama likaSizwe Mdlalose ngidla ngalo."
Esepheth, uSizwe uthe akanandaba noma kugcina kuwine uNgizwe kodwa uzobe esesifundile isifundo.
UNgizwe uthe azilime ziyetsheni ngoba akasoze axolisela iqiniso kuSizwe ngoba uyena uSizwe owathi ubutabane uyabulingisa kanti “indunu seyijwayele”.
Uqhubeke namagama alumelayo, wathi uSizwe kufanele aphume uphele njengembewu yamazambane odabeni lukaTamara okuhlukene imibono ngaye enkundleni yokuxhumana i-Tik Tok.
"Noma ungahlangana naba$@%!," kusho i-voicenote kaNgizwe abephendula ngayo uSizwe efaka namanye amagama angakulungele ukubhalwa ephepheni.
Indaba isuswe ukugxeka kukaSizwe uTamara wezinkulumo ezikhwela zidilika kubantu besifazane, ikakhulukazi abanezingane.
UTamara uyinyathele emsileni kubantu abaningi, okubalwa kubo noSomizi Mhlongo, uma esethi umuntu wesifazane osenengane akusafanele aziqhenye kumuntu wesilisa ngoba usehlelwe yi-value, okusho ukuthi useyinto engelutho. Kujabule iningi labantu besilisa, okubalwa kubo oNgizwe, Tshatha Ngobe, Mzukulu, Mthandeni SK nabanye ebebemtusa.
UTamara uze wathenjiswa i-iPhone Pro Max 16 ebiza imali engaphezu kuka-R45 000, imoto eyi-Polo (okusaqongelelwe imali esingaphezu kuka-R100 000) nabaqaphi benkampani kaMavava Sikhakhane, iMboma Security Services.
USizwe uyilahle ngokugxeka uTamara, kwabe useyinyathele emsileni kuNgizwe othe uyisitabane esesahlulwa sikhuzwa nawumphathi waso, uDJ Tira we-Afrotainment.
Kuhluleke ngisho uSizwe esezixolisela emajongweni nakuTamara kodwa kwanhlanga zimuka nomoya.