IGEZA lomlingisi womdlalo weMzansi Magic, iThe Queen, licikwa abalandeli balo abavele bafune ukushutha nalo bengalibingelelanga.
USthembiso “SK” Khoza odlala indawo kaShaka kulo mdlalo, uveze ukuthi kuvele kuthi akazisacaze phansi uma abantu belokhu bembiza ngoShaka uma behlangana naye.
Ukuveze lokhu ngesikhathi enegxoxo ekhethekile neSolezwe ngeSonto eZimbali Resort, KwaDukuza, ngoLwesithathu lapho lo mdlalo ubuqopha khona esinye seziqephu zawo.
Uthe uyaqonda ukuthi abalandeli basuke bejabulela ukumbona kodwa wathi ucela ukuthi bamhloniphe naye njengomuntu.
Uveze ukuthi akashuthi nabantu abavele beze kuye bamhlohle ngeselula, bamshuthe bengambingelelanga.
“Anginankinga nabalandeli abangijabulelayo kodwa ngithanda ukuthi umuntu angihloniphe. Uma efuna sishuthe,akeze kimi angibingelele, acele isithombe.
“Ukubingelela kubaluleke kabi. Umuntu ongangibingeleli, ngivele ngibone ukuthi akanendaba nami, unendaba yalo muntu asuke embona kwithelevishini acabanga ukuthi uyamazi,” kusho uSthembiso.
Ngesikhathi besesikhumulweni sezindiza beza eThekwini ekuqaleni kwesonto ebehamba nozakwabo uZandile Msutwana odlala indawo kaVuyiswa Jola, uthe ucasulwe omunye wabasebenzi wasesikhumulweni obelokhu embiza ngoShaka.
“Ngimtshelile ukuthi ngiwuSthembiso. Uqhubekile wangibiza ngoShaka, ngavele ngadlula. UZandile uze wambuza ukuthi engazizwa kanjani yena uma engabizwa ngonogada, yize esemtshelile igama lakhe.
“Ngibonile ukuthi uyaphoxeka. Angisiye uShaka, angikaze ngiqanjwe lelo gama ekhaya,” kuso uSthembiso.
View this post on Instagram
A post shared by Sthembiso Khoza(@skcoza) on Mar 6, 2019 at 9:58pm PST
Uthe kumphatha kabi ukuthi yena akasesiye uSthembiso Khoza kubantu usewuShaka ongenanhliziyo okuyinto anovalo lokuthi ingagcina isimfaka engozini. Uthe uyakuthakasela ukuba yingxenye yalo mdlalo ongagcini ngokunandisa nje kuphela kodwa
usuke unomyalezo
obalulekile ofisa ukuwudlulisa kubabukeli.
“Indaba kaShaka nokungathembeki emshadweni, ithinta inkinga enkulu abantu abaningi ababhekene nayo emshadweni yabo.
“Ngiye ngihlangane nabantu bethi yazi SK le nto oyidlalayo usize mina nomkami emshadweni,” kusho uSK.
UShaka unezinkinga emshadweni wakhe ngenxa yokuthi uke wajola.