USETHOLE ukwesekwa nguzakwabo alinginisa naye kwiSibaya uCeleste Ntuli odabeni lokugxeka ukuziphatha kukanontandakubukwa uZodwa Wabantu.
UCeleste usanda kutinyelwa nguZodwa owayeziphendulela kwinkulumo abanayo emsakazweni iPower FM lapho amgxeka khona wathi akazihloniphi futhi kumele ahloniphe umzimba wakhe agqoke iphenti.
“Amantombazane amnyama awanakwa uma esebenza kanzima, enza izinto ezinhle. Kodwa kukhona amantombazane avele akhumule izikhindi zawo zangaphansi, wonke amehlo athi njo kuwona. Angikuqondi ukuthi yini wonke umuntu akhulume ngale nto, iyanyanyisa, yenza thina bantu besifazane abamnyama sibukeke kabi,” kusho uCeleste
Eziphendulele ezinkundleni zokuxhumana eqeda ukuzwa le nkulumo uZodwa wabiza uCeleste ngengulube.
A post shared by zodwalibram(@zodwalibram) on Dec 28, 2017 at 11:11pm PST
“Uma ngiyiShebeen Queen ngomsebenzi wami, wena uyingulube engcolile sihla.... Uthi ngeke uthathe nami isithombe uma sihlangana. Ngabe bengisicelile yini? Angidinge kuthandwa muntu mina. Ngiyacela ukuthi ungafaki igama lami uma ukhuluma ngomsebezi wakho,” kubhala uZodwa.
Kuleli sonto lolu daba lungenelwe nawu-Ayanda Borotho, olingisa indawo kaMaDlamini kwiSibaya oshade noMpiyakhe Zungu.
"Uma ungeke uthande ukubona indodakazi yakho yenza okufanayo, ungakubizi ngenkululeko. Akekho umzali ophilile ekhanda ongathi kulungile ukuthi ume phambi kwamadodakazi ethu nentsha yabantu besifazane ubatshele ukuthi abasebenzise indu...(esebenzisa igama elilumelayo) ukuze bathole abakufunayo ngoba siyadli..."
U-Ayanda uthe lo myalezo ubhebhezela indlela yokubukwa kwabantu besifazane "njengezinto zocansi".
"Ngeke sithi kulunguli ukubhebhezela umyalezo oyingozi kanje. Kuyimanje asiphephile njengabantu besifazane, manje sesitshela abantu besilisa ukuthi "isifane lento". KuCeleste, siyabonga ngokuma wedwa uhlaselwa ngokungengqondo ngenkathi ukhuluma iqiniso lakho. Amandla kubantu besifazane abangeke bavume ukuthuliswa," kuphetha u-Ayanda.