UKUSONDELANA noyise angamathe nolimi naye iyona nto eyenze izinto zaba lula ukulingisa kwifilimu eqhuba indaba engendodakazi noyise ababhekana nezinselelo ezahlukene.
Umlingisi womdlalo wakwi-etv iHouse of Zwide, uNefisa Mkhabela, uzolingisa indawo kaLerato (osekhulile) kwiLosing Lerato 2, ezokhonjiswa kwiNetflix ngo-Agasti 2.
Abaningi bazokhumbula ukuthi le filimu yaba nedumela elikhulu ngo-2019, lapho kwagqama khona uThami (uKagiso Modupe) nendodakazi yakhe yangempela uLerato (uTshimillo Modupe).
Umdlalo wawungabo bobabili, lapho uThami osuke ehlukanise nomama wengane yakhe, enqatshelwa ukuyibona. Lokho kwenza anqume ukuyithumba ukuze isondelane nayo.
KwiLosing Lerato 2 indaba iqhubeka lapho, njengoba kuzovela uLerato esekhulile (elingiswa wuNefisa), futhi esekulungele ukubuyisana noyise, ohlale iminyaka ewu-15 ejele eboshelwe icala lokumthumba.
Uvuthondaba lomdlalo luba lapho uThami esephumile ejele, ethola ukuthi unesifo esibucayi esimphethe, kanti wuLerato kuphela ongamsindisa kusona.
Exoxa neSolezwe ngaleli thuba, uNefisa (22) uthe uKagiso wuyena owamthinta, emcela ukuzomsiza ukuqhuba le ndaba.
“Wanginika i-script ukuzilungiselela, ethi ubona kungangifanela ukulingisa le ndawo kaLerato, ngiqhubeke lapho okwagcina indodakazi yakhe yangempela khona.
“Akubanga nzima kangako ngoba nami ngikhuliswe wubaba futhi sisondelene kakhulu naye, ngakho ngiyazi ukuthi ubudlelwano bukayise nendodakazi buba njani,” usho kanje.
Eqhuba uthe into ebilikhuni wukuthi ubexinwe wumsebenzi weHouse of Zwide nowefilimu yamahlaya ekwiNeflix iHow To Ruin Love, obekwenza angakwazi ukuphumula ngokwanele.
“Nokho sikwazile ukwenza obekudingeka, saqopha inyanga yonke ngoDisemba wanyakenye. Ngicabanga ukuthi abantu bazoyithokozela kakhulu, futhi kube khona abakufundayo kuyona ngokuthi izinqumo esizithathayo empilweni zinomthelela ongakanani kokwenzeka ngesikhathi esizayo,” kusho uNefisa.
Abanye abalingisi abazobonakala kwiLosing Lerato 2 woZolisa Xaluva, Aubrey Poo, Mondli Makhoba noPatrick Mofokeng.