UHALALISELWE abaningi umlingisi obese kunesikhathi agcina ukubonakala elingisa emidlalweni emikhulu, uZenande Mfenyana, ongomunye wabalingisi abaphambili bomdlalo othi Inimba.
Lo mdlalo ozoqala ngo-Ephreli 14, ngo-9 ebusuku kuMzansi Magic (161), uzovala isikhala somdlalo obusukhonjiswe isikhathi esingaphezu kweminyaka mibili Igqeberha: The Empire.
Kulo mdlalo uzobe elingisa indawo kaThumeka, nathi emkhakheni wokulingisa wayengazicabangi elingisa indawo yowesifazane ofana nalona.
“UThumeka owesifazane okholelwayo entweni ayenzayo, ngijabule ukulingisa indawo efana nalena noma ngike ngathola izingqinamba ekuqaleni kodwa konke kwaphinde kwalunga ngokuhamba kwesikhathi. UThumeka uqhamuka engowesifazane ozosiza udadewabo ngengane.
“Ungowesifazane othembekile ozobonakala ekhulisa izingane ezintathu kodwa kuba khona ukuguquguquka okwenzakalayo kule ndawo yakhe nasempilweni yakhe. Le ndawo ingithinte ngezinto ezihlukene,” kuchaza yena.
Uveze ukuthi ababukeli bazowuthakasela umdlalo ofana nalona njengoba uveza izinto ezenzeka emindenini ehlukene.
Abanye babalingisi abazobonakala kulo mdlalo kubalwa uLunathi Mampofu, Sisa Hewana, Siyabonga Shibe, Zenande Mfenyana, Ayakha Ntunja, Prince Grootboom, Nkanyiso Makhanya no-Andrea Dondolo.
UNkanyiso ozakhele igama elingisa indawo kaNjeza emdlalweni Uzalo, nozolingisa indawo kaLwandle, naye uthe injabulo ayichazeki ngokulingisa indawo efana nalena, nakuyo azokwenza into engayijwayele njengoba engusonjiniyela.
“Ngithukile ngoba angikaze ngibe semdlalweni ongibeka endaweni egqamisa mina njengomuntu oyisifundiswa nokumele asho amagama aphezulu athinta iSayensi, kodwa asilinde sibone ukuthi kuzohamba kanjani,” kuchaza yena.
Uphethe ngokuthi uyambonga uNkulunkulu ngethuba amnike lona.