UBONGE ukwesekwa ngomcimbi wakhe uQue DJ obehlele ikhonsathi iWe Don’t PlayThe Same Gqom’ eGreyville Racecourse, eThekwini, ngoMgqibelo.
UQue uzakhele udumo ngokuba yilungu leqembu iDistruction Boyz noGoldmax.
Laba bobabili yibo abavale umcimbingo-12 ebusuku ngemuva kokuthi uQue eqale wadlala yedwa ngaphambi kokujoyinwa wuGoldmax.
“Siyabonga bafowethu,” kusho uQue ngamafuphi. Umcimbi uqale ngo-12 emini futhi bekuboshelwe inqwaba yabaculi noDJ abehlukene.
Phakathi kwabebenandisa kubalwa uXola TSM, DJ Tira, Dladla Mshunqisi, Okmalumkookat, Funky Qla, DJ LeSoul iqembu iWTF, Junior De Rocka, DlalaThukzin nabanye.
Iqembu uBello noGallo elisanda kuba sengozini yemoto lifike lanandisa ngemuva kokuphuma esibhedlela.
Kuthe ngabo-9 ebusuku kulindelwe uMampintsha, Babes Wodumo noMadanon bangangena njengoba uhla lwabazonandisa nezikhathi belukhishiwe. Kugcine kungena uBlack Coffee ngo9.30 nobekuyisikhathi obekuhlelwe ukuthi kungene u-AKA ngaso. Udlale ihora wabe eselandelwa ngu-AKA.
U-AKA ubelokhu ethi Bayede esiteji waze wagqoka umqhele womunye wabebesezihlelweni. Ngesikhathi sekudlala uQue, uBabes Wodumo ungenile esiteji washaya ingoma ethi No No uQue apikwe kuyo wadansa kancane.
Abantu bebephume ngobuningi babo emcimbini.