UBONGA inkundla yokuxhumana iTik-Tok uThandeka Radebe waKwaMakhutha, njengoba ethi izingoma zakhe napikwe kuzo endimeni yomculo zimenze wagqama.
UThandeka uthi ukuzwakala ezingomeni zabaculi okukhona kubo uBongani Maduna ethi Makhelwane Wami nekaSphithiphithi ethi Imnandi Le nto, kumvulele iminyango ehlukene.
Uthe ngo-2009, waqala ukungena kwakhe emculweni wasebenza namakhwaya ahlukene nokwagcina ngokuthi asebenze nabaculi bakamaskandi.
“Umculo wami uxube owokholo nomaskandi kakhulu. Njengawo wonke amaciko, ngiqale kungelula ngasebenza nababaculi abahlukene bokholo nomaskandi nokwaba yinto ejabulisayo. Uyazi ukuthi ngizwakale ezingomeni eziningi zabaculi, abantu bezwa iphimbo kodwa bengazi ukuthi imina. UJumbo ngisebenzile naye, uLinda Gumede naye ngike ngezwakala engomeni yakhe kanjalo nabaculi nabakamaskandi okukhona kubo uMzukulu,” kuchaza uThandeka.
Uthe ngo-2016, ukhiphe i-albhamu yakhe yokuqala ethi Bayeke Bahleke nathe wayehamba emarenki ejabulisa abalandeli bakhe ngayo.
“Yenza kahle kakhulu, enye ngase ngiyikhipha ngo-2019 ethi Anginavalo kodwa ngenxa yobhubhane lweCovid-19, ngangakwazi ukuthi ngiyise kahle ebantwini ngenxa yomiyalelo esasiyithola kuhulumeni. Muva nje, ngikhiphe i-EP ethi Uthando enezingoma eziyisithupha okuhamba phambili kuyo ethi Inkomo Ingazala,” kuchaza yena.
Uveze ukuthi ngonyaka ozayo uzophinde akhiphe enye i-albhamu njengoba esethole abaphathi abasha okukhona kubo uMthokozisi Zuma, osebenza noKhuzani.