UMDANSI osephenduke uDJ, uSithabile “Slenda Da Dancing DJ” Zungu usezinhlelweni zokufukula abesifazane ngekhonsathi okuzonandisa kuyo bona bodwa.
USlenda oyilungu leqembu lo mdanso, Amadada, uthe udlule ebunzimeni ukuze afike lapho ekhona, yingakho efuna ukugqamisa abanye.
“Kubalulekile ukuthi sinike abanye ithuba. Njengomuntu wesifazane ngangibuye ngivalelwe, kuthiwa ngeke ngikwazi ngoba ngingowesifazane. Nginethemba lokuthi engikwenzayo kuzokwenza abesifazane banakwe, bese beyaphumelela,” kusho uSlenda.
Uthe umcimbi wakhe, iWomen in Dance, uzoba seThekwini ngo-Agasti 27 futhi uzophuma inqina athungathe nabanye abangaziwa abazoba yingxenye yawo.
“Ngihlela ukuhambela izindawo njengezikole, kungagcini ngokugqugquzela kodwa nokuthola abanye abanamakhono. Ngizoya nasemakhaya abahlukumezekile nezindawo ezinabantu, njengaseWorkshop.
“Wonke umuntu onekhono lokudansa, umculo, ukuklwebha amapuleti akabe khona, ikakhulukazi abaseThekwini. Bangafike bazikhulumele lapho ukuthi bafuna ukuba yingxenye noma baye emakhasini e-Afrotainment ezinkundleni zokuxhumana,” kusho uSlenda.
Uqhube wathi: “Siyacela uxhaso kunoma wubani ongakwazi ukufaka isandla ukuze kuzosizakala abantu besifazane abaningi.”USlenda ungomunye wabaqokwe kumaSouth African Music Awards akulo nyaka.
Uqokwe emunxeni weBest Gqom Album lapho eqhathwe khonanoBello noGallo, Dlala Thukzin,T-Man noDladla Mshunqisi.
“Kusho lukhulu ukuqokwanjengomuntu osemushaemculweni, ngiqala nokukhipha. Kukhombisa ukuthi abantu bayawuthanda umsebenzi wami. Nginethemba lokuthi kuzovula iminyango, abantu bangangixwayi. Ngifisa kuvule amathuba ngoba ngifuna ukuba nesikole somdanso.”