INGWAZI yomculo wokholo uSipho “Big Fish” Makhabane ithi kuyayijabulisa ukuzwa umculo wayo wenziwa kabusha yintsha ngoba lokho kuyethula nasegengeni esencane engayazi.
UBig Fish ukusho lokhu ekhuluma ngokwenziwa kabusha kwengoma yakhe Indonga esishaya ngesigqi somdanso.
Le ngoma eyenziwe kabusha wuSir Lehlenzoh oseyethe ngokuthi yiJericho. Ididiyelwe wu-DJ Laviso, Alcupoem noGudman.
“U-Eugene (Alcupoem) wakhuluma nami wathi ucela ukuyenza kabusha ngavuma. Umsebenzi wami ugcwele yonke indawo futhi kunabanye abaculi abawusebenzisayo. Bavumelekile ukuwusebenzisa. Okubalulekile kimi wumyalezo oya entsheni nakwabadala. Umyalezo ungafika nanoma ingayiphi indlela,” kusho uBig Fish.
Uthe kunentsha ebingamazi kodwa esizomazi ngokwenziwa kwale ngoma.
“Ingoma indala kubo. Ngangena emculweni ngo-1988. Ngakhiwa ngabazali nomkhulu babo. Manje sebezokwazi ukuthi kunenkakha yalapha eMzansi ecula le ngoma. Igama liyaqhubeka. Anginankinga nalokho,” kusho uBig Fish olungiselela ukukhipha i-albhamu entsha ngePhasika.
USir Lehlenzoh uthe le ngoma izoshukumisa inkundla kulo nyaka.
“Kuyangijabulisa ukubambisana nengwazi uSipho Makhabane kulo msebenzi. Uthando lwethu lokwenza umculo onomfutho lukhiphe ingoma engeke yalibaleka futhi ezokwenza wonke umuntu anyakaze.”
Uthe usuku lokuphuma kwengoma luzomenyezelwa emasontweni ezayo futhi abantu bangalindela ne-video yayo ingoma.
USir Lehlenzoh useke wakhipha izingoma eziningi okubalwa kuzo iTaliban, Seku Lit, Korobela, Get Up nezinye.