UMCULI wodumo lwezingoma zasejele uFreddie Gwala, udalule izinto ebezingaziwa ngomunye wamavulandlela omculo wekwaito, uVictor "Doc Shebeleza" Bogopane.
UFreddie, owaduma ngengoma ethi Amadamara, uthe wakhula noDoc Shebeleza eMzimhlophe, eSoweto.
Ekhuluma kwiNewzroom Afrika, uFreddie uthe nguye owapheka uDoc Shebeleza waze wavuthwa emculweni. Uthe yize wayenekhanda eliqinile futhi engezwani nesonto kodwa wagcina emthambisile.
Eqhuba uFreddie uthe uDoc Shebeleza waqala ukucula eqenjini lakoninalume kwaGwala, iPure Gold.
Leli yiqembu lezinsizwa elazakhela udumo ngokuhlabelela umculo wokholo livunule ngamabheshu.
UFreddie uthe wabuye wamthatha uDoc Shebeleza wamfaka eqenjini elalicula izingoma zombholoho noma ezomshado, iPlatform One.
Abantu abaningi bamaze kahle uDoc Shebeleza esecula izingoma zekwaito ngeminyaka yo-1990. Waqala nge-albhamu yekwaito esihloko sithi Shebeleza, eyayinenoni elithi Ghets Ghetsa ngo-1995.
Eminyakeni elandelayo uDoc Shebeleza waqhulula amanye amanoni okubalwa iS'kumfete, Tiger (1997), Ebumnandini (2000), Ingagara (2001), Yashaya (2002), Amantombazane (2005), Charmer Boy (2009 namanye.
UDoc Shebeleza wasungula amanye amaqembu, Amaskumfete, Smokers (eyavumbulula ikhono likaBrown Dash), neRobodoc (ayisungula noRobbie Malinga).
Lo mculi ubuye wavula inhlangano yamaciko i-Amah, ngenhloso yokuqwashisa ngengculazi nokwenza umehluko emphakathini.
Ngokubambisana neSABC, uDoc Shebeleza uhambele izifundazwe eziningi, enikela ngemizi nezinye izinsiza emphakathini.
Yingakho umakadebona womculi futhi ongumlingisi u-Abigail Kubheka, ethi kumphatha kabuhlungu ukuthi uDoc Shebeleza uze washona engakaze ahlonishwe ngemisebenzi emihle ayenzele iNingizimu Afrika.
Owayengumkhulumeli weSABC, uKaizer Kganyago, uthe umufi ubencamela ukutakula umphakathi kunokufuna ukubukwa nodumo.
UVusi Leeuw weSouth African Music Industry Council (Samic), uthe uShebeleza ubambe elikhulu iqhaza ekuphuculeni iNingizimu Afrika nokunikeza abantu abasha ithemba.
Uhlonishwe ngendondo yeLifetime Achievement ngabeMzansi Kwaito and House Music Awards ngo-2018.
Ubuye wabungazwa nguCassper Nyovest ngengoma ethi Doc Shebeleza kanti nomrepha uL-Tido wenze kabusha ingoma yakhe iGhets Ghetsa kodwa wayiqamba ngokuthi Steve Kekana.
Le nkakha ilandele abanye ozakwabo abangasekho okubalwa uBrown Dash, Tokollo Tshabalala weTKZee, Mandoza, General GTZ, Sbu SB, Sizwe “Lollipop” Motaung beChiskop, Mampintsha, R Mashesha beBig NUZ, Mapaputsi, Les Ma-Ada noThiboz be-Alaska, Mavusana we-Oudemiste, Mshoza, Senyaka, Zombo weBashante, Robbie Malinga, Makhendlas, Tsekeleke, MaWillies, Lebo Mathosa, Dr Mageu, uCopperhead owayaziwa ngoMjokes kwiTrompies, Purity nabanye.
Ikwaito umculo owafike waqeda nya nge-Afro pop kuleli kusukela ngo-1994, kodwa usegunjini labagula kakhulu ngenxa yamapiano, okuwuhlobo lomculo oluhamba ezinyathelweni zekwaito yakudala ngesigqi.
UDoc Shebeleza (57), udlule emhlabeni ngoLwesine olwedlule ngezithuba zabo-10 ekuseni.
Ukhunjulwe enkonzweni ebingoLwesithathu eSABC Radio Park, e-Auckland Park, eGoli. Ushiye emhlabeni unina nezingane eziyisishiyagalolunye.